Izindaba

Abakuleli ngokungemthetho (50) bebaleke begcwala iGoli

Aphe Gcwabe

KUHLEKISWA ngendlela izwe laseNingizimu Afrika alibuthaka ngakhona ekulweni nokuvalwa kwemingcele.

Lokhu kuza ngemuva lokusabalala kwevideo ekhombisa abantu okuthiwa abokufika ababalelwa ku-50 baphuma begcwala besakazeka izitaladi zaseGoli.

Kuthiwa bebevela kwamanye amazwe behlaliswe emzini thizeni oseLombardy East eGoli.

Amaphoyisa athi aphenya icala lokushushunjiswa kwabantu kuthiwa

bebegcinwe ngaphandle kwemvume yabo njengoba bebanjwe ngoLwesithathu.

Abazibonele ngawabo abangomakhelwane kule ndawo batshele abezindaba ukuthi bezwe umsindo, maqede babona abantu beqa uthango walo muzi, bebaleka, abanye babo bengagqokile.

Amaphoyisa akwazile ukubamba abanye balaba bantu abangu-18, bayiswa esiteshini samaphoyisa eSandringham.

Kusolwa ukuthi abaningi balaba bantu ngabomdabu wase-Ethiopia naseSomalia.

Kwenzeka lesi sigameko nje umsakazi weVuma FM uJacinta Ngobese kade ehlele imashi eThekwini ngoMsombuluko elwisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho.

Ekhuluma nabezindaba uthe akuwona umqondo wakhe ukuthi kube nalo mashi iMarch in March kodwa yena ube umkhomba ndlela.

UJacinta uthe yinto ekade ihlupha abantu le kuyikhona ukuthi bebegcina ngokuthi ikhulunywe ezinkundleni zokuxhumana baphenduke inhlekisa kwabokufika.

“Abanye abantu sebeyasaba ngezizathu eziningi, abanye basabela imisebenzi yabo. Abanye bathe uma bemasha bazodutshulwa. Bebekhona nabathi noma singamasha ngeke kwenzeke lutho. Siyabonga ukuthi bagcine bephumile bezoqinisekisa ukuthi izwi labo liyazwakala,” usho kanje.

Uphinde waveza ukuthi leli lizwe seliphemduke imboni yokukhiqiza izidakamizwa.

“Siyizwe elingenamthetho lapho kufika abantu benze noma yini, ukubone izinga lokudayiswa ngomzimba selinyuke kangakanani? kubuza uJacinta.

Kule mashi ebisuka epaki kuKing Dinizulu yehle njalo ngoWest Street ibheke eCity Hall ibisekwe ngamaqembu ezepolitiki-Action SA, ATM kanye nePA.

UPhakel’mthakathi uthe abantu bokufika abangabafaki umunywe esweni ngoba uma bona bengathatha isinqumo bezinsizwa…

Uthi bathuli nje babukela uhulumeni ukuthi wenzani. “Uma singathatha isinqumo kusasa ukuthi lento sifuna ukuyiqeda kungasa kungekho muntu la eThekwini naseGoli,” kusabisa uPhakel’mthakathi.

Uhlu lwezikhalo lwemukelwe nguMnuz Sabelo Gwala ongumeluleki kahulumeni waKwaZulu-Natal.

Related Articles

Back to top button