
Umngcwabo womsakazi obulewe amaphoyisa
Philasande Luthuli
IMIBIKO yakamuva ikhomba ukuthi umsakazi weNtokozo FM uNathi ‘SuperNathi’ Biyela ungomunye wababulewe amaphoyisa emgaqweni uDumisani Makhaye.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi ephuma emhlanganweni nabanye, kanti amaphoyisa abika ukuthi badubula kuqala bebhekise kuwo asephendula ngenganono.
Lesi sigameko senzeke ngomhla ka-20 Mashi.
UBiyela kuthiwa naye ubengomumye obemele umphakathi waseHostel KwaMashu.
Ubebuye asakaze njalo ngoMgqibelo uhlelo iTop 30 engena ngo 9:00 am aphume u 12:00 pm.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiNtokozo FM, uNathi ungomunye wabasakazi abebeshayela lo msakazo ngesikhathi wethulwa okokuqala futhi ubengumsakazi osemnkantshubomvu enolwazi olunzulu.
Uzakwabo kaNathi kwiNtokozo FM uSihle SP Makhanya udlulise amazwi enduduzo: ”
#RIP mkhaya sisebenze kahle kakhulu kule minyaka eminingi sibambisene kwi-Intokozo FM. Ubuhlakani, ithalente nothando obunalo ngomsakazo, angeke ngikukhohlwe bafo,” usho kanje.
Ngokusho kwemithombo yaseHostela kwaMashu ithi le nsizwa ibiwumele umphakathi ngoba yonke imihlangano ubeyihamba iphinde ibuye ngemininingwane, achazele kahle umphakathi ukuthi kwenzekani.
Ubephinde alwisane nobugebengu obenzeka ngaphakathi kwaMashu eHostela ekwazi nokuxazulula izinkinga zabantu abangaboni ngeso linye kube nokuthula.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mtomuhle Khawula udlulise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaBiyela.
Abantu abaningi bathi uBiyela uyibonile indlela yakhe yokudlula njengoba ehlale ebhala ngezindaba zokufa ekhasini lakhe likaFacebook.
Iminingwawe Yomngcwabo:
📅 Date: 27 March 2025
🕐 Time: 13:00 PM
📍 Venue: Grace Life Church
🏠 Address: 9th Avenue, Reunion, Isipingo