Izindaba

Ingebhe kuMax Makhanya osebona ubungozi kuZulu

Sihle Mkhize 

UZEHLISILE waxolisa esizweni nakwiSilo uMisuzulu kaZwelithini uMax Makhanya.

UMakhanya ubenekela izwe ezinkundleni zokuxhumana ngamahlazo aseNdlunkulu.

UMakhanya uxolisa nje bekungakapheli isikhathi esingakanani kuhlale isithangami sabezindaba ebesiholwa umdidiyeli wamabutho empi yeSilo induna uSipho Mhlongo.

UMhlongo uthe sephume umkhankaso wokucinga uMax Makhaya la engakhona.

“Ngizwakalisa ukuxolisa okukhulu kumavideo wami ngike ngibone abanye bewasebenzisela ukuthandwa koYouTube. Ngiqaphelile ukuthi izinduna ebezenze isithangami sabezindaba indlela abakukeka beyiyo isinonungozi kakhulu kimi. Kuningi engabe ngiyaqhubeka ngiyakukhuluma kodwa ngifundile ukuthi kwesami isizwe sakwaZulu kunezinto okumele ungazikhulumi noma uzibona. Ezinkulumweni zezinduna zithi ziyangixwayisa kodwa ziyangifuna, umxwayisa kanjani umuntu uphinde umfune,” kubuza uMakhanya.

Uthi kumangazile ukuzwa ukuthi sekuphunywe inqina uyafunwa.

“Yinto ethusayo kakhulu ukuzwa ukuthi ngiyafunwa. Njengoba ngithatha isinqumo sokuhoxisa wonke amazwi esingike ngawakhuluma ngeSilo noma nje ngesihlalo,” kuqhuba yena.

NgoLwesibili esithangamini sabezindaba uMhlongo uthe akekho umuntu owuZulu noma ozwelana noZulu ongavumela lezi zinkulumo ezenziwa uMakhanya.

UMhlongo uveze ukuthi bazoyisebenza le ndaba ngendlela ezogcina ibajabulisa ngoba okwamanaje asibajabulisi neze isenzo saMakhanya.

“Esizweni nasebukhosini bakwaMakhanya sinobudlelwano obuhle noZulu futhi siyabuhlonipha. Kufanele ubukhosi bakwaMakhanya buvele obala ukuthi buyahambisana nalento noma cha. UMax udelela bese ethi uwuMakhanya usuka khona, manje lento izodala ubutha obungenasidingo. Yiyo-ke into ezodala imikhuhlane. Kusukela manje isikhuni sizobuya nomkhwezeli thina asiphoqi muntu ukuthi ahloniphe iNgonyama ngoba ingeyethu singuZulu.

Related Articles

Back to top button