
Iqhwakele iBafana phezu kwefu elimnyama
IBafana Bafana ishaye iBenin ngo 2-0 e-Abidjan ngoLwesibili ebusuku ukuze iqinise indawo yayo esicongweni sikaGroup C.
Idlala kahle kanje kunefu elimnyama elilengela umkhankaso wayo kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Yize kunjalo isizihola phambili ngamaphuzu amahlanu. Kungashintsha ukudla epletini uma itholwa inecala lokusebenzisa umdlali ongafanelekile emdlalweni wayo odlule.
Kuvele ukuthi iBafana bekungafanele isebenzise uTeboho Mokoena ngesikhathi inqoba kwiLesotho ngo 2-0 ngoLwesihlanu odlule.
Lo mdlali weMamelodi Sundowns ubenamakhadi amabili aphuzi okusho ukuthi bekumele ame umdlalo owodwa kanti bekuphoqa ukuthi aphuthelwe wumdlalo neLesotho.
ILesotho noma iNigeria, uma ingase ifake isikhalo ngalokhu, sekungalala kwiCaf neFifa ukuthi banqume ngalolu daba.
Uma itholwa inecala iBafana ingase ishaywe ngenhlawulo yemali, noma kudonswe amaphuzu.
Nokho okubuyisa ithemba wukututhi leli cala lifakwe sesidlulile isikhathi esibekelwe ukuthi amaqembu anezikhalazo aziveze ngaso.
Yize ibidlala naleli xhala, kodwa iBafana Bafana iphinde yadlala ngendlela oncomekayo.
Amagoli kaLyle Foster noJayden Adams esiwombeni sesibili aqinisekise ukuthi iqembu likaHugo Broos libuya namaphuzu aphelele futhi ligcine indawo yalo phezulu.
Eminye imidlalo kaGroup C yonke iphele zibambene. INigeria ibanjwe ekhaya yiZimbabwe, kwathi iLesotho nayo yabamba iRwanda ekuhambeni.
Imiphumela: Benin 0 South Africa 2; Nigeria 1 Zimbabwe 1; Rwanda1 Lesotho 1
Lisenethini