Izindaba

Ushiye edlala izingoma ezipholile obezibulala

Liyah Mseleku

KUSHIYE abantu bemangele ezinkundleni zokuxhumana ukuvela kwesigameko lapho owesifazane obezama ukuzibulala.

Okumangazayo wukushiya umsindo womsakazo uqhuma phezulu edlala izingoma ezipholile wakhiya nesango.

Kukholaka ukuthi uphuze amaphilisi, abasendaweni basolile ukuthi kukhona okunuka santungwana bahlaba umkhosi kwabizwa abenkampani yonogada iRUSA.

Kwi video asababele kubonakala onogada bezabalaza bezama ukugqekeza isango lensimbi emnyango bagcina bekwazile ukungena endlini.

Lo wesifazane kuthiwa utholakale elele phansi ekhishini futhi equlekile wanikwa usizo lokuqala onogada.

Kuthiwa uzama ukuzibulala nje ubehlala nomunye umuntu wesifazane okuthiwa ubejola naye. Nokho ngesikhathi sesigameko ubengabonwa nangokhalo.

Lesi sehlakalo senzeke seliyoshona ilanga ngoMsobuluko e-Oakford, KwaZulu-Natal.

Kwesinye isigameko esifuze lesi iPurpose eseke yabika ngaso ezinsukwini ukukhalelwa ngamasongo kaSigonyela kowesilisa (23), ngecala lokubulala intombazane efunda uMatric.

Intombazane itholwe isifile ekamelweni kwaNyamazane, eMpumalanga.

Isidumbu somgilwa oneminyaka engu-17 ubudala sitholwe e-Extension 16 ngoLwesihlanu, mhlaka-14 kuMashi.

Nakhona isidumbu satholwa, ngemuva kwamahora umndeni ugcine ukubona umufi esaphila eya esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Donald Mdhluli uthe kubikwe ngokulahleka kwale ntombazane ngemuva kokungabuyi ekhaya.

“Kamuva ngalolo suku, ngabo-5.30 ntambama, amaphoyisa abizelwa ekhelini elifanayo mayelana nophenyo,” kusho uMdhluli.

Okushaqisayo ukuthi umsolwa nguye obikile ngesigameko wahola namaphoyisa wawayisa egumbini lapho bekulele khona isidumbu sentombazane simbozwe ngeduvethi.

Related Articles

Back to top button