Izindaba

OweDemocratic Alliance uyaliphika elokucwasa 

Sindiswa Nxumalo

UKarabo Khakhau oyilunga lePhalamende uvikele isinqumo sakhe sokujoyina iDemocratic Alliance (DA).

Ekhuluma ohlelweni kwiMetro FM uthi wayihlaziya ngokucophelela ipolitiki yaseNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi afinyelele esiphethweni sokuthi leli qembu lihambisana nezimiso nezinkolelo zakhe.

UKhakhau uthi wabheka amaqembu ezepolitiki ahlukene ngaphambi kokwenza isinqumo, kodwa wagcina ebona ukuthi i-DA iyona ehambisana kakhulu nombono wakhe wentando yeningi nobunye bezwe.

“Noma amaqembu amaningi akhona namuhla ayekhona ngaleso sikhathi, angicabangi ukuthi isinqumo sami besizohluka. Bengisazokhetha iDemocratic Alliance,” kusho yena.

UKhakhau uthe wayikhipha ngaphandle i-African National Congress (ANC) ngenxa yalokho akuchaze njengokwehluleka okusobala kuhulumeni.

Uphinde wagxeka i-Economic Freedom Fighters (EFF), ethi akakhululekile ngendlela iqembu elenza ngayo ipolitiki ayibona njengedala ukuhlukana nokuphazamisa umbono weNingizimu Afrika ebumbene.

Uphinde wayigxeka i-Freedom Front Plus (FF Plus), eyichaza ngokuthi “iqembu lamadoda amhlophe anobandlululo kwesinye isikhathi.”

Ephendula izinsolo zokuthi i-DA inobandlululo, uKhakhau uziphikile ngokuqinile lezo zinsolo.

“Ngenze ucwaningo lwami,” kusho yena.

Uqhubeke wathi wafinyelela esiphethweni sokuthi iDemocratic Alliance ayinabo ubandlululo.

UKhakhau uphinde wakhuluma ngabesifazane abanamandla abamkhulisayo, ethi ukhulele emndenini owawuholwa omama abanamandla abamfundisa ukuthi umuntu akumele ahlale endaweni engamjabulisi noma emhlukumezayo.

Ulandise nangendaba kagogo wakhe ongasekho, owashiya umshado owawunoku mhlukumeza ngesikhathi sobandlululo yize wayengenawo umatikuletsheni noma umsebenzi.

“Ngivela emndenini lapho ukungakhululeki kungabekezelelwa khona. Uma into ingasebenzi, akukho egazini lami okungiphoqayo ukuthi ngihlale kuyo,” kusho yena.

Le nkulumo kaKhakhau ivuse izingxoxo ezintsha ngezindaba zobuhlanga, imibono yezepolitiki kanye nobunikazi bezepolitiki eNingizimu Afrika, ikakhulukazi entsheni ebhekene nokukhetha phakathi kwamaqembu ezepolitiki ashintshashintshayo ezweni.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button