
Ibutho lakwaZulu licinga uMax Makhanya la engakhona
UMDIDIYELI wamabutho empi yeSilo saKwaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, induna uSipho Mhlongo uthi sephume umkhankaso wokucinga uMax Makhaya.
UMakhanya unokuhlambalaza iSilo nesihlalo sobukhosi ngezinkulumo azenzayo ezikundleni zokuxhumana.
UMhlongo uthe kudala balulandela udaba lukaMakhanya baze baxhumana noNdunankulu wesizwe sakwaMakhanya.
Uthi izithunywa zafika ekhaya lakhe kodwa kwathiwa sewathuthela eMayville, nakhona bamkhomba eGoliĀ nokuthiwa usezinze khona.
“Sizwile ke ukuthi uzinze eGoli kodwa sesixhumanile nobuholi bempi yambutho eNdlulamithi. Sixhumanela ukuthi abake basifunise lomuntu ohlambalaza isizwe sakwaZulu ngalolu hlobo. Amukho umuntu ongakhuluma kanje ngomfowabo womunye umuntu kuthiwe kuhle. Ukukhuluma kwakhe ukuthi isibeletho somtanankosi asibanga sihle yonke lonto, ingamanyala aphindiwe esizweni. Angazi ukuthi izibeletho zabantu abadala uzazi ngani. Sibone ukuthi lento ukuze ilunge kumele sisukume phansi njengempi yeSilo sivikele isihlalo ezitheni. Nakuba sazi vele ukuthi lo Max ayisuki kuye lento kunabantu emuva kwakhe,” kusho uMhlongo kwisithangami sabezindaba.
Uthi impi yeSilo kusukela manje izobhekana naye ngoba yehlisa isithunzi sakwaZulu.
Uqhube ngokuthi akekho umuntu owuZulu noma ozwelana noZulu ongavumela lenkulumo.
UMhlongo uveze ukuthi bazoyisebenza le ndaba ngendlela ezogcina ibajabulisa ngoma okwamanaje ayibajabulisi lento eyenziwa uMakhanya.
“Esizweni nasebukhosini bakwaMakhanya sinobudlelwano obuhle noZulu futhi siyabuhlonipha. Kufanele ubukhosi bakwaMakhanya buvele obala ukuthi buyahambisana nalento noma cha. UMax udelela bese ethi uwuMakhaya usuka khona, manje lento izodala ubutha obungenasidingo. Yiyo-ke into ezodala imikhuhlane. Kusukela manje isikhuni sizobuya nomkhwezeli thina asiphoqi muntu ukuthi ahloniphe iNgonyama ngoba ingeyethu singuZulu.