Izindaba

Lihlehlele u-April kosolwa ngokuthengela inkabi ingane ayizalayo

LIHLEHLELE umhla ka-7 April kulo nyaka eNkantolo kaMantshi eMnambithi, icala elibhekene noNontobeko Portia “Sindi” Ngema.

UNgema usolwa ngokuthengela ingane eyavundla esiswini sakhe izinkabi ukuthi ziyibulale.

Ubevele kancane eNkantolo emini izolo.

Kuthiwa uNgema waseMkhamba, wathengela izinkabi  ingane yakhe yomfana yokuqala ayithola ngaphandle emshadweni.

Isisulu uZanokuhle Sibeko (27) wasinda ngokulambisa ngonyaka odlule ngo-October.

Ngokombiko uNgema waqasha inkabi yaseTsakane eshayela amatekisi akhokhelwa ngebanga alihambile.

Itoho lenkabi kwawukuthi aphuzise ngenkani umuthi wokuhlanza indawo ehamba amanzi angcolile (drain) uSibeko.

Kwizizathu eziphambili okusolakala ukuthi yizo ezaholela ekutheni umsolwa azithole esevalelwe yilo mshophi umbango wamafa.

UNgema kubikwa ukuthi wavukwa uSathane nomona njengoba ugogo kamgilwa okungumama kaNgema wamshiyela amafa emuva kokushona kwakhe.

Kuthiwa kwathi akaqhume asakazeke ethola ukuthi umgilwa ushiyelwe ifa lemoto yohlobo lweMercedes Benz.

Akugcinanga lapho njengoba ugogo ashiya isithabathaba somuzi oseHyde Park, eGoli eshiyela isisulu, osedolobheni eMnambithi kanye nemoto yohlobo lweToyota Corolla.

Umgilwa kuthiwa wakwazi ukulwa nenkabi wayehlula wasinda kanjalo.

UNgema ubhekene necala lokuzama ukubulala kwangezwa ngaphezulu nelokuntshontsha.

Uboshwe nenkabi esolakalayo kuleli cala uMsizi Mbhele.

Related Articles

Back to top button