
UDJ Zinhle uphumele obala ngokunyonyobela uSweet Guluva
Sihle Mkhize
UDJ Zinhle usephumele obala waveza ukuthi ukhulume nonina ka-Akhonamathemba “Sweet Guluva” Mbele ukuthi apike leli qhawe engomeni yakhe.
UGuluva ukhale wemuka no-2 million kwiBig Brother season 5 ngeSonto ebusuku.
“Guluva nation anginibongele nje ngempumelelo yenu, bengicabanga ukunganibongeli. Angiboni kukhona isandla engisifakile kule mpumelelo. UNokwazi ubefake ivideo ebuza ukuthi ingoma iphume yini. Ngikhulumile noSbongile Zwane umama kaSweet Guluva engangifunda naye, sasihlala eDomi ndawonye,” usho kanje.
Uthi umtshelile ukuthi benoNokwazi banenhloso yokwenza ingoma futhi bangathanda ukupika uSweet Guluva.
“Akakaphumi endlini okwamanje ngiyanazisa nje ukuthi siphezu kwami. Sizokwenza noma yini esingayenza ukusiza. UBongiwe ubebuza ukuthi yini ongayenza (Sweet Guluva) ukuqhubekela phambili, ngiyanithembisa sizowa sivuka naye. Ngiyanihalalisela ninqobile,” kuphetha uDJ Zinhle kwivideo emizuzu engi-59.
UGuluva uzithole eseyimfivilithi yababukeli emakhaya ngendlela anogazi ngayo nokuthi ubenobudlelwano obuhle no-Ashley Ogle obekule ndlu.
NgesSonto ebusuku abalandeli baSweet Guluva bathutheleke kubo kwale nsizwa eNquthu beyobhiyoza bemhalalisela.