
Kushiswe umuzi ‘womfundisi’ osolwa ngokubulala agqibe izihlobo
LISHONE elangoMsombuluko sesimbiwe isidumbu sokuqala okukholakala ukuthi esesihlobo somfundisi waseMolweni owasigqiba emathuneni aseLangafontein.
Kuthiwa umsolwa ubeqhubeka nokuhola imali kamufi yesibonelelo sikahulumeni kwazise wayephila nokukhubazeka. Wanyamalala emhlabeni ngePhasika lonyaka odlule.
Amalungu omphakathi akule ndawo abedinwe eveva okhele ngomlilo umuzi womsolwa obeyokhomba lapho agqiba khona isihlobo sakhe uNkz Thuleleni Shabalala (53).
Ubeyokhomba emathuneni ase-Langefontein.
Lokhu kuqinisekiswe amalungu omndeni wakwa-Shabalala akhulume neLanga athi umphakathi abengasalawuleki.
Ubusuzitapela impahla ebeyiphakathi ngaphambi kokuwushisa.
Aveze ukuthi okucasule kakhulu umphakathi wukuthi abakwasidlodlo babike ukuthi umsolwa ngeke avalelwe kuze kuphuma imiphumela eshoyo ukuthi umufi wabulawa yini (post-mortem).
Ikhansela lendawo uMnuz Siyabonga Nala uthi amalungu omphakathi akumele azithathele umthetho ngezandla. Okumele kwenzeke wukuthi badedele umthetho udlale indima yawo.
Umsolwa ugcine ethathiwe ngamaphoyisa aseMolweni, kuvele ukuthi waboshwa ngonyaka odlule ngemuva kokuthi kunyamalale abantu ababili. Icala lavulwa ngo-Ephreli kodwa laphinde lamiswa ngo-Agasti ngoba ubufakazi bungahlangani.
Izolo umphakathi ubunkanise zonke izitaladi ezakhele umuzi kamsolwa bezobabaza lo mhlola ulinde ukuthi akhombe la azigqiba khona lezi zidumbu.