Izindaba

Ikhathazekile i-IPID ngokuqothwa kwabasolwa ngamaphoyisa

UPHIKO olulawula ukusebenza kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) luthi lukhathazekile ngesibalo esiphezulu sabasolwa abafa uma betholene phezulu namaphoyisa.

UJennifer Dikeledi Ntlatseng, onguMqondisi oMkhulu kwi-IPID uthe kuyakhathaza ukuthi amanye amaphoyisa eqa umthetho ngokuthi aqede ngobufakazi noma ngomsolwa osuke ebandakanyeka ebugebengwini.

Umbiko wonyaka wango 2023/2024 we-IPID uveza ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal ibe nesibalo sabawu-166 abafe ngenxa yamaphoyisa, nokusho ukuthi leyo ngxenye wu-25% wezigameko ezenzeka ezweni jikelele.

Lolu phiko seluqale uphenyo ezehlakalweni lapho abasolwa kuthiwa babulawe bedubulana namaphoyisa.

Khonamanjalo uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi uhlezi ngesinqe esisodwa njengoba kuvele ukuthi uphenywa i-IPID

UMkhwanazi usolwa ngokuphazamisa ukuboshwa kwesikhulu sezokuHlunyeleliswa kweziMilo eRichards Bay, ngo-2023.

“Lolu phenyo luwumphumela wesikhalo esivela emphakathini. I-IPID imile kwelokuthi nakuba ithola izikhalazo emithonjeni eyahlukene, uphenyo lwayo luhlala luzimele futhi aluchemile,” kusho i-IPID.

Ungqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu ukhiphe isitatimende kulandela udaba lweNews24 olukhomba yena ukuthi wahlohla i-IPID ukuba iphenye uMkhwanazi.

Kulesi sitatimende uMchunu uthi akavulanga icala kodwa uyalwamukela uphenyo oluqhubekayo.

Related Articles

Back to top button