Izindaba

Limlahlile owagwaza wabulala owayeyintombi yakhe eGateway

ULAHLWE yicala uMnuz Siphamandla Khumalo owabhokoda wabulala ngommese intombi yakhe uNksz Nomfundo Msibi phambi kwabantu eGateway, eMhlanga.

Lesi sigameko esinyantsisa igazi senzeka ngonyaka owedlule, eshiya ungilwa namanxeba awu-22 emzimbeni.

Ivideo yalo wesilisa ebhokoda owesifazane yadlalwa ngummeli wombuso uKrishen Shah eNkantolo ePhakeme yaseThekwini.

Ngokombiko weTimes Live iNkantolo ibigabe ngofakazi ababili okunguMthobisi Gasela oyisoka lesisulu nephoyisa uDet-Const Boitumelo Phama.

UKhumalo nomunye wesilisa babaleka emuva kokuba esegwaze uNksz Msibi ngommese owawushiywe emzimbeni kuyena elele phansi.

IJaji uJacqueline Henriques lithe ngemuva kokucubungula konke okuthinta leli cala, umbuso uthole uKhumalo enecala. Lithe amanxeba awu-22 emzimbeni kaMsibi abetshengisa ngokusobala ukuthi uKhumalo ubehlose ukubulala.

“I-video eqoshiwe (CCTV footage) etshengisa uKhumalo egwaza ephindelela uMsibi, ikuveza obala ukuthi lokhu ukubulala okwakuhlelilwe,” kusho uHenriques.

Ngokwamaphepha aseNkantolo, uMsibi wehlukana noKhumalo wabe esenciphisa nokuxhumana phakathi kwabo bobabili ngenxa yokuthi wayesekobunye ubudlelwano.

Mhla ka-4 Agasti uMsibi wafonelwa ngumfowabo kaKhumalo ethi mabahlangane eGateway ukuze bakhiphe izimpahla zokugqoka zengane ezazikwi lay-bye.

UHenriques uthe uKhumalo wayenga uMsibi ngamanga, wathi futhi waphinde wavimbela isisulu ukuba sibaleke ngesikhathi bexabana.

“Lokhu kwaqashelwa nguGasela,” esho.

UKhumalo obemmelwe ngummeli wakwaLegal Aid, uPhumelele Danisa uqoke ukungabethuli ubufakazi, wathi ummangalelwa uthi akalivumi icala lokuthi wayehlosile ukubulala. Isitatimende sesisulu esivela emndenini wakwaMsibi sihanjisiwe eNkantolo. Kanti ummeli kaKhumalo uzodlana indlebe nekilayenti njengoba inkantolo izobuyela, yenze izethulo-kukhishwe nesigwebo.

Related Articles

Back to top button