
Bazwakalisile ilaka labo ngabokufika kwiMarch in March
Liyah Mseleku
UMSAKAZI weVuma FM uJacinta MaNgobese Zuma ubonge bonke abaphume ngobuningi bagcwala umgwaqo weTheku bebhikishela abantu bokufika abangenawo amaphepha okuba seNingizimu Africa.
Ekhuluma nabezindaba uthe akuwona umqondo wakhe ukuthi kube nalo mashi iMarch in March kodwa yena ube umkhomba ndlela.
UJacinta uthe yinto ekade ihlupha abantu le kuyikhona ukuthi bebegcina ngokuthi ikhulunywe ezinkundleni zokuxhumana baphenduke inhlekisa kwabokufika.
“Sinqume ukuthi singangeqala siyimillion kodwa sigcine siqalile. Kube kuhle ukuthi abantu bakholwe amaselula kodwa benze okuthile. Abanye abantu sebeyasaba ngezizathu eziningi, abanye basabela imisebenzi yabo. Abanye bathe uma bemasha bazodutshulwa. Bebekhona nabathi noma singamasha ngeke kwenzeke lutho. Siyabonga ukuthi bagcine bephumile bezoqinisekisa ukuthi izwi labo liyazwakala,” usho kanje.
Uphinde waveza ukuthi leli lizwe seliphemduke imboni yokukhiqiza izidakamizwa.
“Siyizwe elingenamthetho lapho kufika abantu benze noma yini, ukubone izinga lokudayiswa ngomzimba selinyuke kangakanani? kubuza uJacinta.
Kule mashi ebisuka epaki kuKing Dinizulu yehle njalo ngoWest Street ibheke eCity Hall ibisekwe ngamaqembu ezepolitiki-Action SA, ATM kanye nePA.
UPhakel’mthakathi uthe abantu bokufika abangabafaki umunywe esweni ngoba uma bona bengathatha isinqumo bezinsizwa…
Uthi bathuli nje babukela uhulumeni ukuthi wenzani. “Uma singathatha isinqumo kusasa ukuthi lento sifuna ukuyiqeda kungasa kungekho muntu la eThekwini naseGoli,” kusabisa uPhakel’mthakathi.
Uhlu lwezikhalo lwemukelwe nguMnuz Sabelo Gwala ongumeluleki kahulumeni waKwaZulu-Natal.