Ezokungcebeleka

UGigi Lamayne emjolweni nobaba wezingane zikaLootlove

UMREPHA wakuleli uGigi Lamayne (30) usekuqedile ukuqagela ngomjolo wakhe ovutha bhe noSizwe Alakine (37) obedume ngoReason.

UGigi okungu Genesis Gabriella Tina Manney igama lokuzalwa udalule ukuthi sebenonyaka bethandana nale nsizwa ebikade imbatha ngubo yinye noLuthando “Lootlove” Shosha babusiswa ngezingane ezimbili zamantombazane.

Ebuzwa iDaily Sun mayelana nabantu abamqhathanisa nomama wezingane zikaSizwe uthe akudikizi nanqulu kuyena.

“Ngicabanga ukuthi uLoot ungowesifazane omuhle, wanika uSizwe izipho ezingefaniswe. Izingane zakhe ziyamjabulisa, lokho okungenza ngijabule nami. Ngijabule la ngikhona manje, futhi ngibonga nokwesekwa umphakathi,” usho kanje.

Lezi zithandani zinengoma ezayikhipha ndawonye esihloko sithi Bestie eyakhishwa ngeValentine’s Day.

UGigi uveze nokuthi sekuphele isikhathi esingango nyaka bethandana futhi bajabulile.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSizwe uke wabonakala kwenye yamaPodcast ethulwa uThakgi noSfiso evutha engabaselwe evikela uthando lwakhe noGigi.

Umsindo wasuswa indaba indaba yokuhlukana kuLootlove njengoba esevuke ngoGigi.

Ngesikhathi behlukama uLootLove noSizwe kwaba khona ukukhuluma okuningi kwaze kwaphoqeleka ukuthi lolu ngqwazi lentokazi luphumele obala.

Wabhala isitatimende ngonyaka ka-2020 eveza ukuthi impela abasambathi ngubo yinye noSizwe kodwa bazoqhubeka bakhulise izingane zabo baphinde babe ngabangani futhi.

Eqhuba waveza nokuthi akathandi ukungena agxile kokwenzekile.

Related Articles

Back to top button