Izindaba

I-ANC isicula iculo lawonkewonke ngabokufika 

Sindiswa Nxumalo 

UNobhala jikelele we-African Nation Congress (ANC) uMnuz Fikile Mbalula useveze elokuthi akukho okubi okwenziwa abantu baseMzansi okukhombisa ukucwasa.

IKomidi eliphezulu likazwelonke le-National Executive Committee (NEC) likholelwa ukuthi izikhalo eziningi eziphakanyiswa emibhikishweni ephikisana nabantu bokufika abangekho emthethweni ziyizikhalo nezidingo zangempela.

Ekhuluma ngemuva kwezingxoxo zeNEC, uMbalula uthe imiphakathi ifuna uhulumeni obonakalayo nombuso obonakalayo ophendula ezinkingeni ezithinta abantu nsuku zonke.

“I-ANC ibiza uhulumeni ukuthi usebenze ngenhloso ebonakalayo ezindabeni ezithinta abantu ngqo,” kusho yena.

UMbalula ugcizelele ukuthi i-ANC ayibheki iningi lale mibhikisho njengo bandlululo kwabokufika.

“I-NEC ayibheki iningi lale misebenzi njenge Xenophobia ngoba i-Xenophobia ilingana nobugebengu benzondo,” kusho yena.

Wengeze ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika akufanele babizwe ngokuthi banobandlululo kwabokufika ngemuva kokulwa nobandlululo bokucwasa ngokwebala lwamazwe omhlaba.

Uphinde waxwayisa ngokuthi kukhona abantu abangase basebenzise le mibhikisho ukusabalalisa inzondo nokuhlukanisa abantu.

I-NEC iphinde yanxusa abaholi bemibhikisho ukuthi baqaphele ukungenelela kwamandla esithathu futhi yagcizelela ukubaluleka kwemibhikisho esemthethweni ngaphansi kwentando yeningi yaseNingizimu Afrika.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button