Ezokungcebeleka

Okushaqisayo ngokwenyula kukaMuntuyenziwa kwiMpucuzeko

Liyah Mseleku

UHOXILE uSenzo “Muntuyenziwa” Khanyile emncimbini ebekulindelwe ukuthi adlale bukhoma kuwo, iMpucuzeko Maskandi Festival.

UMuntuyenziwa odabuka eNkandla ubeqhathwe nembangi yakhe endala uMbuzeni Mkhize waseMkhomazi.

Lempi yesigingci ibisikhande ugqozi kwabaningi ukuyobuka bukhoma laba baculi kwazise kade babehalelana bukhoma.

Isinqumo sikaMuntuyenziwa onekhono ekuncinzeni isigingci siza emuva kokuveza ukuthi izingxoxo zihambe zafika kwangqingetshe nabahleli.

“Ngokukhulu ukuzehlisa ngiyabingelela enhla nase zansi. Ngingakuqinisekisa ukuthi ngizoba khona kowe-Impucuzeko Maskandi Festival kodwa angizudlala Live ngesimo sokuthi kunezingxonxo ezigcine zisalile ngizobakhona impela kodwa ngizobe ngenza imiming (Ngidlala ngeCD). Mina Mntuyenziwa ngiyabonga kakhulu yize ngibuhlungu ngoba ngikholelwa kakhulu kulento yeLive. Nizokhumbula ukuthi namhla ngenza UMNTUYENZIWA LIVE MASKANDI EXRAVAGANZA eyayilaphaya eGoli inhloso kwakungubuyisela isigqi sikaMaskandi la sifanele ukuba khona njengoba kwenzeka. Namanje ngithi nje akwande kuye phambili,” kubalisa uMuntuyenziwa.

Ngaphandle kwempi yesigingci phakathi kwalamaciko kukhona uThwasalekhansela oqhathwe neNkosiyamagcokama.

La maciko atonyulwe kwamaningi ukuthi kube yiwo adlala bukhoma ngokukhethekile.

UMbuzeni etshelwa lezi zindaba iPurpose uzwakaliae ukuthuka nokudangala. “Hhawu, zazimbi ke lezo zindaba, bengikakezwa lutho. Kimina konke kuhamba kahle nabahleli, sivumelene kahle ngakho konke,” kusho uMbuzeni.

IPurpose ifonile yathumela neSMS izama ukuthola ukuphawula kwaMnuz Xolani Mcineka ongumhleli walo mcimbi. Kuze kube manje ubengakaphawuli.

Lo mcimbi obhekwe ngabovu uhlelelwe ePeople’s Park, eThekwini, ngomhla ka-17 Agasti.

Related Articles

Back to top button