
OwoKhozi FM obembeswa uselikhiphile usuku ‘olukhulu’
Liyah Mseleku
Umsakazi woKhozi FM uBingelela Mpanza usekhiphe usuku lwango mhla ka-28 December njengosuku “olukhulu”.
Kuzokhumbuleka ukuthi kule mpelasonto esiphuma kuyo ubembeswa kubo KwaNongoma kwabe sekuba namahemuhemu okuthi zingase ziwushaye noma yinini.
“Ngiyabonga kubo bonke abangesekile. Ngiyabonga angiphezi, 28 December kuzokwenzeka kube usuku olukhulu kodwa angikaqinisekisi,” ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana.
Uzakwabo kaBingelela oKhozini FM uZimiphi “Zimdollar” Biyela ubhale umyalezo emhalalisela ezinkundleni zokuxhumana.
“Awusho nje awusho ngabe sisalindele iBliss noma sekushitshile sobona omunye futhi umkhwenyana, awukhulume iqiniso weBingelela singalindi int engekho phela” kubhala uMan Dee Macingwane ongumlandeli.
Kuyaziwa ukuthi kunesikeshi ebesidlalwa umculi kaMaskandi uMayoghurt owaziwa ngeBliss noBingelela.
Abaningi bese bekholwa wukuthi ngempela bayajola.
Encokola uBingelela ezinkundleni zokuxhumana uthe kunowesilisa othi okuncono akabathathe bobabili.
“Angeke avume uMayoghurt ukuthi abe sesithenjini. Uzoba owokuqala noma owesibili. Ngeke ayivume leyonto,” kuphawula uBingelela kuzwakala ukuthi uyazincokolela nje.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



