Okhubazekile uhlwithe isicoco sikaMiss SA
Phila Luthuli
UKHALE wemuka nesicoco ebesiconselwa amathe abaningi uMiss SA 2024, uMia Le Roux (28), ophila nokukhubazeka.
Le ntokazi edabuka eSasolburg, eFree State, idlisele ogageni uNompumelelo Maduna waseSoweto nobethwelwe ngeqoma abaningi.
UMia uqopha umlando nje, uye yedwa ophila ngokukhubazeka noseke wanqoba lomqhudelwano. Esemncane, enonyaka owodwa ezelwe kwatholakala ukuthi unenkinga yokungezwa ezibdlebeni wafakelwa i-cochlea okuyiyona ayisebenzisayo.
Ukunqoba kwaMia obuye abe ngumfundi njengoba enza iBCom Marketing kuhambisana nemihlomulo econsisa amathe.
Phakathi kwayo kubalwa isamba semali u-1 Million, indlu kanokusho enayo yonke impahla nonyanyavu lweMercedes Benz nokunye okuningi.
Kusukela manje iNingizimu Africa ibeke amathemba kule ntokazi ukuthi iyimele kahle kuMiss Universe ozoba eMexico.
UBonang Matheba oshaye ibuya ekuphatheni uhlelo kwethulwa uMiss South Africa unconywe abaningi ngekhono nokuhleleka.
Lo mcintiswano ubungoMgqibelo ebusuku uhanjelwe omtakabani abavela kulo lonke leli.
Akuzolibaleka emlandweni wakulo nyaka ukuthi lo mncintiswano uke wagubezelwa ifu elimnyama. Lokhu kulandela umsindo odalwe uChidimma Adetshina okuvele ukuthi abazali bakhe benza umgunyathi ukuze athole ubuzwe base Ningizimu Africa.
Nokho wagcina ehoxile ngenxa yengcindezi evele ngisho nakuNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Gayton Mackenzie.