
Bavuke umbhejazane abaseMalawi belwisana namaphoyisa
Bavuke umbhejazane abantu baseMalawi abahlezi eSherwood, eThekwini, lapho belinde khona amabhasi abaphindisela kwelakubo.
Balwisane namaphoyisa nokuphoqe abakwasidlodlo ukuthi badubule ngezinhlamvu zenjoloba ukuzama ukuhlakaza iqulu ebelithelwe ngezibonkolo.
Kwenzeka lezi zigameko nje uhulumeni waseMalawi ucela iminikelo yokuxhasa ukubuyiselwa kwezakhamuzi ezifika ku-10 000 ezihlezi eSherwood.
Izikhulu zithi kusadingeka amabhasi angaphezu kwenkulungwane ukuze kuphothulwe umsebenzi ngaphambi komnqamulajuqu owangomhlaka-30 June.
Babalelwa ku-10 000 abantu baseMalawi abalele eSherwood Hall, eThekwini, balinde amabhasi azobayisa emakhaya.
Izikhulu zithi zidinga amabhasi angaphezu kwenkulungwane ukuqeda umsebenzi.
Ukubuyiselwa ekhaya kwabantu kuqale mhlaka-9 June ngamabhasi amathathu. Iqembu lokuqala lahamba ngalolo suku.
Ngomhlaka-15 June, amabhasi ayisishiyagalombili abethwele abantu abangu-457 aphume alibhekisa eMalawi. Lawo mabhasi awela eMalawi eMwanza Border Post.
Izinkulungwane zisaseSherwood Hall. Uhulumeni waseMalawi uchaze lo msebenzi njengenhlekelele yezwe lonke futhi unxusa amabhizinisi, izinhlangano zezenkolo kanye namaqembu asiza abantu ngezimali kanye nezokuthutha.
UNgqongqoshe waKwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma Ntuli, uvakashele le ndawo kuleli sonto. Uthe isimo siyaphuthuma ngoba abantu bayaqhubeka nokufika.
“Uma sesinabantu abangaphezu kuka-10 000 lapha, asazi ukuthi bangaki abazofika kusasa noma ngesonto elizayo,”
“Kubalulekile ukuthi sihambe ngokushesha.” kusho uNtuli.
Abesilisa abalinde bathi bakhathele. Ngesikhathi izikhulu ziphuma kule ndawo, abanye bebekhala becela usizo.
“Kumele sigoduke. Senzele icebo,” kusho enye indoda.
Abanye babhekise izicelo zabo kuMengameli Cyril Ramaphosa ngqo.
“Ramaphosa thumela amabhasi lana kumele sigoduke sesikhathele ukulala ngaphandle.”
UMnyango waseMalawi ukuqinisekisile ukuthi umkhankaso ubhekene nezimo zokuhlaselwa kwabantu bakwamanye amazwe ezingxenyeni ezithile zaseNingizimu Afrika.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



