Izindaba

URamaphosa uthembise ukuvulwa imngcele kwi-Indaba

Sihle Mkhize

Ingenele osukwini uLwesithathu i-Africa’s Travel Indaba 2026 ebanjelwe Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini,

UMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo yosuku ngoLwesibili ekuseni.

Lo mbukiso wosomabhizinisi ohlanganise amazwe ngamazwe ubanjwe nje elakuleli ligubezelwe imibhikisho elwisana nabantu bangaphandle abangenamaphepha.

URamaphosa ugqamise ukuthi imboni yezokuvakasha ayigxilile ekuthuthukiseni umnotho nje kuphela.

Uveze ukuthi iNingizimu Afrika yamukele izivakashi zamazwe ngamazwe eziyizigidi onyakeni odlule.

Ingxenye yekota yabantu abafikayo bevela esifundeni se-SADC – okukhombisa ukuthi “ama-Afrika akhetha i-Afrika.

“Sisebenzela ukuthi sivule imingcele yethu ibe sendaweni eyodwa futhi sithuthukise izindlela ezibheke emingceleni ezibonisa ukunotha kwesifunda sethu”

“Uma abantu base-Afrika behamba phakathi kwe-Afrika, siqinisa umnotho wethu, sijulise ubudlelwano bethu bamasiko futhi sakhe izwekazi elididiyelwe” kuqhuba yena.

Le ngqungquthela izoqhubeka izinsuku ezine kanti osomabhizinisi abahlukene bakhangisa ngemisebenzi nama dolobha ahlukahlukene.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button