Izindaba

Siyaqhubeka nokwanda isibalo sabangasebenzi kuleli

Sindiswa Nxumalo 

I-Statistics South Africa ikhiphe umbiko weQuarterly Labour Force Survey, oveza ukuthi umnotho ulahlekelwe yimisebenzi engu-345,000 phakathi kukaJanuwari noMashi 2026.

Ngokwe Statistics South Africa abantu abasha abayisithupha kwabayi-10 eNingizimu Afrika abanamsebenzi, kanti izibalo zakamuva ziveza ukuthi isimo siya ngokuya siba sibi kakhulu.

Bangaphezu kuka-301,000 abantu abangene ohlweni lwabangasebenzi ngesikhathi esifanayo.

Izinga lokungasebenzi lenyuke lisuka ku-31.4% ekupheleni kuka-2025 laya ku-32.7%, okusho ukuthi abantu abayizigidi ezingu-8.1 abasasebenzi ngokusemthethweni.

Uma kubalwa nalabo asebeyekile ukufuna umsebenzi ngokuphelele, izinga lokungasebenzi limi ku-43.7%.

USolwazi Jikelele Wezibalo, uRisenga Maluleke, uthe abantu abasha yibona abathwele kanzima kakhulu.

Intsha eneminyaka engu-15 kuya ku-24 ibhekene nezinga lokungasebenzi elingu-60.9%, kanti labo abaneminyaka engu-25 kuya ku-34 bami ku-40.6%.

Ukulahleka kwemisebenzi okuningi kwenzeke emikhakheni yezinsiza kanye nowokwakha, nakuba kube nokwanda okuncane emikhakheni yezimboni, yezimayini kanye nezolimo.

IKwaZulu-Natal kube ukuphela kwesifundazwe esiqophe ukwanda kwemisebenzi, kwengezwa imisebenzi engu-6,000.

I-Economic Freedom Fighters ichaze lesi simo njengenhlekelele enkulu yezomnotho eNingizimu Afrika.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button