
Kumshele owesifazane obeqhumuza imali ye-UIF nesoka
Sindiswa Nxumalo
I-Special Investigating Unit (SIU), ithi iyasemukela isinqumo seNkantolo sokushaqa impahla yosomabhizinisi wesifazane waKwaZulu-Natal, uYolanda Nombuso Mgobo.
UMgobo usolwa ngokuhlomula imali engaphezu kuka-R18 million ngezicelo ezingekho emthethweni ze-UIF Temporary Employer/Employee Relief Scheme (TERS) ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19.
Ngokusho kwe-SIU, uphenyo lukhombisa ukuthi le mali yayixhumene nokukhwabanisa okwenzeka ngesikhathi uhulumeni usiza abasebenzi namabhizinisi ngesikhathi seCovid-19.
Kuthiwa enye yale mali wayisebenzisa kanye nesoka lakhe uHlalanathi Hopewell Mbangi.
I-SIU iphinde yaveza ukuthi ngo-11 Disemba 2025, namaphoyisa benza umsebenzi wokusesha nokuthatha ubufakazi KwaZulu-Natal naseGauteng, njengengxenye yophenyo oluthinta iqembu elisolwa ngokweba imali elinganiselwa ku-R161 million kuhlelo lwe-UIF TERS.
Uphenyo luthi ngo-2020 uMgobo wathenga imoto yohlobo lweHyundai Tucson.
Ngo-2023 kusolwa ukuthi wadlulisela iFord Ranger kumuntu wakhe, kwathi ngoJuni 2025 wadlulisela neToyota Corolla.
Kuthiwa futhi ngo-2022 wathenga indlu eScottburgh ebiza u-R870 000. Ngo-14 Novemba 2022 yena nomlingani wakhe bathenga enye impahla e-Uvongo ngo-R845 000.
Ngalolo suku futhi kusolwa ukuthi bathenga ezinye izindlu ezimbili ezibiza cishe u-R1 million ngayinye.
I-SIU ithi ukufrizwa kwale mpahla kuyingxenye yemizamo yokubuyisa imali kahulumeni etholwe ngokungemthetho kanye nokulwa nenkohlakalo ehlobene nezimali zosizo lweCovid-19.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



