
Kumnyama kumculi onqatshelwe ibheyili okwesithathu
Sihle Mkhize
Uzohlala esitokisini kuze kushaye usuku lokuqulwa kwecala lakhe umculi weLekompo uLehlogonolo Chauke, odume ngoShebeshxt (31).
IPolokwane Magistrate’s Court ikhiphe lesi sinqumo ngomlomo weMantshi uGodfrey Netshiozwi othe abammeli baShebeshxt bahlulekile ukufika namaphuzu amasha.
UShebeshxt ubezama inhlanhla okwesithathu ukuphuma ngebheyili, inkantolo isebenzise uSection 60 weCriminal Procedure Act 51 of 1977 noSection 35(1)(f) weConstitution of the Republic of South Africa, 1996.
Inkantolo ithole ukuthi abammeli basagadla ngamaphuzu afanayo nangaphambili, akukho okusha abakubeka etafuleni.
“Lokhu enikubiza njengobufakazi obusha bese kuvele kubekiwe futhi kuyaziwa ngesikhathi kufakwa isicelo sebheyili okokuqala, ” kusho inkantolo.
Inkantolo igcizelele ukuthi umthetho waseNingizimu Africa wokufaka isicelo sebheyili kukhomba ngokusobala ukuthi kumele kube noshintsho esicelweni.
Abashushisi bathe isicelo sebheyili asibekelwanga ukuthi kupeqululwe izinqumo esezivele zathathwa noma kubhekisiswe lokho okwachithwa ngaphandle uma kunoshintsho lwaqiniso angempela.
Inkantolo igcizelele ukuthi okwayo kushaya umthetho ebufakazini obusha obubekwa phambi kwayo, njengamanje ayiboni umsolwa ekulungele ukuthi akhishwe.
IMantshi uNetshiozwi uveze ukuthi abammeli banelungelo lokuphinda enkantolo inqobo nje uma sekunokusha abakuphethe.
Isigameko esimfake obishini senzeka ngo-October 2025 eLadama, ePolokwane.
Lo mculi wathusana nabagilwa kwimpi yasemgaqweni wadubula ebhekise kumshayeli wemoto iNissan kuWitklip Street kwalimala nomunye umgibeli.
Umgilwa oneminyaka engu-34 ubudala wadubuleka kabi waphuthunyiswa esibhedlela.
Amacala aShebe agcina esemaningi sekubalwa ukuzama ukubulala, ukulimaza impala, ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu nokuvimba umthetho ukuba udlale indawo yawo.
Inkantolo imi kwelokuthi uShebe wenze amacala ekubeni engaphandle ngebheyili kwamanye futhi amacala.



