
USomizi ucacise ngonogada wakhe obizwe ngestabane
Sihle Mkhize
Umsakazi weMetro FM uSomizi uphumele obala ngonogada wakhe osematheni kulezi zinsuku uBongo Mgudlwa.
USomizi utshele abaleli kulo msakazo ohlelweni luka Khutso Theledi ngoLwesibili ukuthi umqaphi wakhe uBongo Mgudlwa akasona istabane uqondile.
“Akasona istabane uqondile owase-Eastern Cape,” usho kanje emsakazweni bebabaza ukubukela kwale nsizwa.
Le nsizwa ibe sematheni ngesikhathi itshela uNgizwe Mchunu ukuthi: “Asikoyiki sonke”.
Ikusho lokhu ngesikhathi iyalelwa uSomizi ukuthi uNgizwe akangangeni etendeni lezicukuthwane abekulo emcimbini iMetro FM Awards.
UNgizwe ubethi uzoxhawula uSomizi wambalekela wanqaba ukuthi baxhawulane.
UNgizwe uthukuthele wagana unwabu wagadla kule nsizwa eyibiza ngestabane nayo, kodwa imane yathela igazi phansi yamtshela emehlweni ukuthi ayimsabi.
Kube sekuba kuningi ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana. Abanye balumbanise ukuba yigeza kwale nsizwa base beyisola ngokuthi nayo iyistabane.
Kodwa abantu bengayi nganxanye bengamanzi bamvikelile lo mqaphi babonga nokuhlonipha umsebenzi wakhe nokungahluthuki kalula.
Kuyaziwa ukuthi uNgizwe nalabo abathandana nabulili obufanayo okuhlanganisa noSomizi sebaphenduka inkukhu nempaka.
Lokhu kuza ngemuva kwezigameko lapho uNgizwe ebacwasa khona waze wabayalela ukuthi abangazihlanganisi nemvunulo yaKwaZulu ngoba bathunaza isithunzi sale sizwe esihlonishayo emhlabeni.



