
ULucky Nkosi udalule indlela axoshwe ngayo uKhozi FM
Sindiswa Nxumalo
Owayengumsakazi woKhozi FM, uLucky Nkosi, ushiye abalaleli bemangele ngemuva kokudalula izimo eziholele ekuphumeni kwakhe ngokuzuma esiteshini.
Ekhuluma engxoxweni nesiteshini iZwi loMzansi 98.0 FM noMaswidi Xaba ngeSonto, uNkosi uveze ukuthi ukuxoshwa kwakhe kwenzeka ngesinx.
Echaza ukuthi inkontileka yakhe yaqedwa ngomhlangano owenziwa ngocingo.
Ngokusho kukaNkosi, izinto zaba zimbi ngesikhathi ezama ukubuza abaphathi ukuthi kungani bethathe leso sinqumo.
Uthi ucingo lwacishwa ngokuzumayo, kwathiwa kunenkinga yenetwork.
Uhambo lukaNkosi kuSouth African Broadcasting Corporation (SABC) lwaqala ngo-2004, lapho aba yizwi elaziwayo ezinhlelweni ezithandwayo ezifana ne-iNgcwenga ne-Ezingasoze Zabuna.
Uphinde waveza ukuthi uke waxoshwa ngaphambilini ngenxa yomona womsebenzi kumphathi angafunanga ukumgagula ngegama.
Nokho, ngo-2008 wabuyiselwa emsebenzini nguBonga Mpanza, owayengumphathi wesiteshi owabona ikhono lakhe.
Umsebenzi kaNkosi waqhubeka nokukhula ngaphansi kobuholi bukaSbongi Ngcobo.
Ngemuva kokuhamba kukaNongcebo McKenzie, wathatha uhlelo oludumile Ezingasoze Zabuna.
Nakuba ekuqaleni abalandeli bengamemukelanga kahle, uNkosi uthi wagcina ewine izinhliziyo zabo wenza uhlelo lwaba yimpumelelo.
Ngaphandle kokukhuluma ngokuxoshwa kwakhe, uNkosi uphinde waveza iqiniso ngezimo zezimali embonini yomsakazo.
Uphikise umbono wokuthi abasakazi bahola imali eningi, eveza ukuthi kwesinye isikhathi ukukhushulelwa iholo lakhe kwakuba ngu-R200 kuphela ngonyaka.
Uxwayise ngokuthi lo mkhakha awunalo uzinzo lwezimali kulabo abathembele kuphela emsebenzini wokusakaza.
“Uphuma esiteshini usokola, ungazi ukuthi uzophila kanjani,” kusho uNkosi.
UNkosi uphinde wathi wayevame ukusebenzisa imali yakhe ukuxhasa imicimbi yomculo wamakhwaya kanye nezinye izinto ayenentshisekelo kuzo, kuyilapho esiteshini ethola izibonelelo zokuhamba kuphela.
Umyalezo wakhe kubasakazi bamanje nalabo abasafufusa uthi: ngaphandle kokuba nohlelo lwezimali oluqinile kanye neminye imithombo yemali, abaningi bangagcina beshiya lo mkhakha bengelutho.



