Izindaba

Iphelele kwaCCMA eka-Anele Mdoda nomsebenzi wasendlini

U-Anele Mdoda usevumile ukukhokha u-R90,000 ukuze kuxazululwe ingxabano phakathi kwakhe nomsebenzi wangaphambili wasendlini uThuleleni Florence Mlalazi.

Udaba lufakwe emnyangweni wabaseebenzi i-CCMA.

UMlalazi wamangalela uMdoda ngokumphatha kabi nangokumxosha ngokungemthetho.

Uthe walahlekelwa umsebenzi ngemuva kokwehluleka ukuyolanda ingane kaMdoda emcimbini webhola ngosuku lwakhe lokuphumula, nakuba  wagcina eseyilandile.

Le ngxabano iphinde yahlanganisa nodaba lwemoto. UMlalazi uthe wayenayo imoto ekuqaleni kodwa wakhuthazwa ukuthi ayishintshise.

Uthi imali yokuyikhokhela yayizidonswa ngqo emholweni wakhe. Uveze nokuthi imoto yaphinde yashintshwa futhi yabhaliswa egameni likaMdoda ngaphandle kwemvume yakhe.

Uphinde wathi umyeni kaMdoda, uBonelela Buzza James, naye wayebandakanyeka kulolu daba lwemoto.

Ngakolunye uhlangothi, uMdoda uziphikile zonke lezi zinsolo, ethi wayenelungelo lokumxosha uMlalazi.

UMdoda yena wamangalela umsebenzi ngokweba, ukuzama ukucindezela kanye nokwenza izinsongo.

Lolu daba lwagcina luxazululiwe ngo-Agasti 2025, lapho uMdoda akhokha khona u-R20,000 njengenkokhelo yokuqala futhi wavuma ukukhokha esele ngezitolimende kuze kufinyelelwe ku-R90,000.

Leli cala ligqamisa ubunzima obungavela ebudlelwaneni bomsebenzi wasekhaya nomqashi, ikakhulukazi lapho kuhlangana khona izindaba zomsebenzi, ezemali kanye nezomuntu siqu.

Related Articles

Back to top button