
Indodana kaMugabe egwetshiwe ibingenamaphepha
Indodana kalowo nowayengu Mengameli eZimbabwe, uRobert Mugabe, ubehleli kuleli ngaphandle kwamaphepha afanele.
NgoLwesithathu uBellarmine Mugabe ugwetshwe iminyaka emibili (24 months) ejele noma akhokhe inhlawulo engu-R400 000 ngecala lokukhomba ngesibhamu.
Uphinde wagwetshwa enye iminyaka engu-18 ejele noma akhokhe u-R200 000 ngokuhlala kuleli ngokungemthetho.
Kubikwa ukuthi uma ekhetha ukukhokha izinhlawulo zombili, kuzomele akhiphe u-R600 000 ngaphambi kokuba abuyele eZimbabwe.
Umngani wakhe uTobias Matonhodze, naye uhlakazwe ngeminyaka emithathu ejele. Uma nje eqeda isigwebo sakhe, uzobuyiselwa eZimbabwe.
NgoLwesithathu inhlangano iMarch and March igcwele iGoli imashela abantu abakuleli ngokungemvumo.
NgoLwesibili bebesePitoli ezindlini zoMbuso nalapho befuna ukuthi ilaka labo lizwakale.
Phambilini uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ube sematheni ethi usazohlangana nabaholi beMarch and March abakhumbuze amalungelo abantu.
Uthi abaholi bele nhlangano abanalo igunya lokuhamba besongela abantu bokufika, futhi akusiwona umsebenzi wale nhlangano ukubheka ukuthi abokufika banawo yini amaphepha asemthethweni okuba kuleli noma cha.
Kuzokhumbuleka ukuthi yena noNdunankulu waKwazulu-Natal uMnuz Thami Ntuli osezakhele isigcwagcwa ngokushaya “isdudla” ekubeni ubeseqhulwini kumkhankaso owawuthi engangeni ngesango iyafohla.



