
Bazolala bebaliwe abangu-40 nomqashi
Bazolala bebaliwe abantu bokufika abakuleli ngokungemvumo abangu-40, kwaphinde kwaboshwa nomqashi.
Umqashi uboshelwe ukwephula imithetho yezabasebenzi nezinye izimiso zomthetho.
Esigamekweni sesibili, iziphathimandla zithi umqashi kusolakala sengathi ubesenolwazi ngokufika kweziphathinandla.
Kusolwa ukuthi utshele abantu bokufika abangekho emthethweni ukuba basuke baphele endaweni ngaphambi kokugasela kwaleli thimba ebelivutha lingabaselwe.
Kuphinde kwatholakala ukuthi indawo ibinokuxhunywa kukagesi okungahambisani nemithetho.
Lokho kwenze iziphathimandla zanqamula ugesi kuze kube yilapho umnikazi eselungisa zonke iziphambeko futhi uthobela imithetho.
IPhini likaNgqongqoshe Wezokuqashwa NezabaSebenzi, uMnuz Jomo Sibiya, yilo ebelihola umkhankaso wokuhlola nokuphoqelela ukuthotshelwa komthetho ePretoria West, eGauteng.
Ubebambisene noMnyango Wezasekhaya, iSAPS, amaphoyisa kaMasipala waseTshwane, iPSIRA kanye namaGauteng Wardens.
Lo mkhankaso, bekuhloswe ukuqinisa ukulandela umthetho ezindaweni zokusebenza, ubuhlanganisa imisebenzi emibili yokuhlola.
USibiya uthe umkhankaso wokuhlola nokuphoqelela ukuthotshelwa kwemithetho uzoqhubeka ezindaweni ezahlukene.
Wagcizelela ukuthi bonke abaqashi kumele balandele imithetho yezabasebenzi neyokufuduka noma babhekane nezinyathelo zomthetho.
UThukela News Times Plus
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



