Ezokungcebeleka

UNompilo Mwelase uzoqala ukubonakala kusasa kwiGenerations The Legacy

Liya Singela

Uzoqala ukuvela kusasa kwiGenerations The Legacy, edlala njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusihlwa ngo 8 ebusuku uNompilo Mwelase.

Lo mlingisi ubesematheni maphakathi noJanuwari ngesikhathi ehlulela kwinhlolokhono eBat Centre, eThekwini. Iningi lalikhala ngokuthi wayengakhombisi ubuntu kulabo ababezama inhlanhla njengoba wayevele athi “next”.

Ekhuluma nePurpoze eseGoli, uthe konke sengathi kwakuhlelwe uNkulunkulu.

“Ngaleso sikhathi ngangiwundaba mlonyeni ezinkundleni zokuxhumana. Ngathola ucingo kwi-agent yami ithi angiziqophe kwazise kwakudingeka umlingisi. Nami ngenza njalo akuphelanga zinsuku ezingakanani zasulwa izinyembezi njengoba ngangithukwa. Ngayithola indawo kaFaith. IGenerations The Legacy inkulu, kade ngangifisa futhi ukuba ingxenye yayo, leli thuba liqhamuke sengingalindele,” usho kanje.

Ekha phezulu ngendawo kaFaith ayilingisayo uthe uyintombazane ezothile nokwenza ukuthi iningi ligcine selidlala ngaye. Uthi ngeke asho ukuthi yini emfake ejele kodwa kwafika lapho kuthi xhimfi khona.

Ube esebonga uLucy athi umenze wazizwa esekhaya kwazise bajwayele ukuchitha isikhathi esiningi ndawonye.

Related Articles

Back to top button