UVALO ITHEKU LIHAMBA PHAMBILI ESIFWENI SOPHENYANE
LIYA SINGELA
UNdunankulu waseKZN uNomusa Dube Ncube, usekhiphe izibalo ezishaqisayo ngabantu asebetheleleke ngesifo sophenyane.
Emhlanganweni weProvincial Executive Council kuleli sonto uDube-Ncube udalule ukuthi singu-13, 500 kwabangu 13, 596 isibalo sabantu abathelekelike kwisifunda iTheku. Kulandela iKing Cetshwayo, Umgungundlovu, Ilembe kugcine Ugu.
UMnyango wezeMpilo esifundazweni uthi:” Siyaqhubeka ukuqwashisa abantu ukuthi bangasigwema lesi sifo ngokuzigcina behlanzekile, bajwayele ukuhlamba izandla, bangashintshisani ngamathawula okugeza ubuso izinto zokugcoba ebusweni nokushintshana ngemicamelo,” kuxwayisa uMnyango.
Lesi sifo sigadle ngoFebhuwari kulo nyaka kanti isigameko sokuqala sabikwa eMlaza, eMangosuthu University of Technology (MUT) kwalandela eCato Manor.
Izazi zezempilo eCentre for Disease Control and Prevention zithi kusiza amaphilisi (antibiotics) nomuthi osaketshezi oconsiselwa ehlweni.