Iseyindaba egudwini eyomholo kaPenny Ntuli kwiGagasi
SANE MSELEKU
Namanje abawuvali umlomo abantu ezinkundleni zokuxhumana mayelana nomsakazi weGagasi FM uPenny Ntuli oshiye lo msakazo.
Ushiye ngoba ethi akanelisekile inkontileka entsha ebizomholela uR2 800 ngenyanga.
Uthi ngeke akwazi ukondla umndeni wakhe ngale mali, incane kakhulu.
UPenny ube esebonga umsakazo ngokuthi umnikezile ithuba. Wanameka inkontileka entsha obekumele ayisayine, badinwa bathelwa ngamanzi abalandeli bakhe bethuka lesi siteshi basibiza nge 2.8 FM.
“Ngakhuluma nomphathi wami u-Ayanda Melansi ukuthi ngicela bayibheke le nkontileka abanginika yona njengoba le mali ebengizoyihola ibingahlukile kakhulu kuno R2500 ebengiwuhola kule minyaka emibili edlule.
“Nokho umphathi ungiqede ukuzethemba uma ethi kuhle ngibheke omunye umsebenzi.
“Ungenze ngazizwa sengathi bengingenzi okufanele. Angishiyile ngoba kukhona okungcono osengikutholile,” kukhala uPenny oyintandokazi kwabaningi.
UKhaya Dladla obeshayela uhlelo lwantambama phakathi kwa 3-6 ngokubambisana noHeazy noZisto naye usebongile kulesi siteshi.
UKhaya ukhale “ngesimo sokusebenza”. Kuyaziwa ukuthi uKhaya uxhantile njengoba ebuye abe ngumlingisi.
Phakathi kwabasakazi abangase bangabuyi kubalwa uDJ Lag, Flymotion, Linda Mtoba noHamza.
NALU OLUNYE UDABA: UNompilo Mwelase uzoqala ukubonakala kusasa kwiGenerations The Legacy
NgoLwesithathu lesi siteshi kulindeleke ukuthi sethule abasakazi abasha abazoqala ukusakaza ngo-Ephreli.