EzokungcebelekaIzindaba

Unyelwe inyoni esandleni uPenny Ntuli obalekiswe uR2800 ngenyanga kwiGagasi FM

Sane Mseleku

Unyelwe inyoni esandleni uPenny Ntuli osanda kushiya kwiGagasi FM, ezinze eThekwini, ekhala ngamakinati omholo omusha kaR2800 ngenyanga.

Emuva kokuthi uPenny enekele izwe ngenkontileka entsha abenikwa yiGagasi FM nokho ayenqabile kuvungame izinkundla zokuxhumana.

“Mhla ngitshelwa ngokuvuselelwa kwenkontilela yami ngajabula, kodwa injabulo yami yaphela uma kuthiwa ngizohola uR2 800 ngenyanga. Le mali ayihlukile kangako kunaleyo ebengiyihola eminyakeni emibili eyedlule,” usho kanje.

Kuphele izinsuku ezimbili uMnuz Zwakele Mncwango ohola i-Action S.A eKZN wangenelela.

“Angimazi Penny kodwa ingithintile indaba yakhe, ikakhulukazi mase ngibona ukuphawula kwabanye osopolitiki bemdelela. Ukubona nje abaholi behlekisa ngosizi lomuntu engabe bayasiza.

Ngicela abamaziyo bamcele angithinte nginomsebenzi, ayihlangane nepolitiki kodwa umsebenzi omuhle. Umsebenzi angawuqala ngokushesha enkampanini ezimele,” kusho uMncwango.

Kuqala ukuvela lezi zindaba uMncwango
waphawula ngokuthi ngisho umfana olusa izinkomo kwakhe akamholeli uR2800.

Namhlanje, kulindeleke ukuthi iGagasi FM lethule izinhlelo ezintsha ezizoqala ukuzwakala emoyeni ngo-Ephreli. Kanti kuzona zonke lezi zonsolo lesi siteshi asikaze sithu vu.

Related Articles

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Back to top button