EzokungcebelekaIzindaba

OkaMaskandi uqhathwe nonqobe kumaGrammy kowezindondo

Liya Singela 

Umculi kaMaskandi ovutha engabasiwe kulezi zinsuku uGatsheni uqhathwe noTyla osanda kunqoba kumaGrammy Awards. 

Laba baculi bazobe bebanga indondo yeCultural and Creative Industry eqoqweni leBest Newcomer Awards. 

Omunye umculi ababangisana naye kuleli qoqo uLebo Malope. 

UGatsheni kulezi zinsuku udlisa ngengoma esihloko sithi Hit after Hit kanti uTyla udle ubhedu kumaGrammy ngethi Water

Ethintwa uGatsheni ubuze ukuthi ubani uTyla? Uthe uma echazelwa ukuthi usenqobe indondo yeGrammy wababaza. 

“Haha kanti unedumela,” ebabaza. Uthe uyazethemba ukuthi bazomvotela abantu wacelwa ukufonelwa kusasa ukuze anabe.

UKhuzani Mpungose ongaconsi phansi kuMaskandi usebongele uzakwabo kulo mculo wathi kusho lukhulu kakhulu umfisela sengathi angabuya nayo le ndodo. 

“Ngithi angithathe leli thuba ngibongele insizwa uGatsheni ngokuqokwa kulama awards. 

“Lapha uqhathwe nentokazi eqeda kuhlabana kumaGrammy, lokhu kusho lukhulu kakhulu, ngiyakufisela sengathi ungabuya nayo lendodo.

“Indondo iwuphawu olukhombisa ibanga olihambile endimeni kaMaskandi.

“Ukudlondlobala kukaGatsheni ngale ndlela kuyintshumayelo nakubaculi abasafisa ukungena endimeni.

NALU OLUNYE UDABA: Unyelwe inyoni esandleni uPenny Ntuli obalekiswe uR2800 ngenyanga kwiGagasi FM

“Kubafundisa ukuthi awudunyiswa ukuthuka abaculi, kepha udunyiswa ukushaya ingoma kujabule abantu,” usho kanje.

 

Related Articles

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Back to top button