Izindaba

Kuvele ubufakazi besamba esakhokhelwa ababulali baka-AKA

Smanga Mzobe

Bazobuyela enkantolo kaMantshi eThekwini, ngomhla ka-2 Ephreli beyofaka isicelo sebheyili abasolwa ecaleni lokubulawa kwaKiernan “AKA” Forbes noTebello “Tibz” Motsoane.

Laba babulawa ngaphandle endaweni yokudlela iWish emgaqweni uFlorida, eThekwini ngoFebhuwari onyakeni odlule.

Inkantolo ilalele ubufakazi bokuthi  umsolwa wesine uMziwethemba Gwabeni wakhokhelwa isamba semali esingu-R800 000 ngusomabizinisi ohlonishwayo uMnuz Sydney Mfundo Gcaba. 

Lokhu kuthiwa kwenzeka ngakusasa u-AKA esebulewe. Lemali yabe isihlukaniswa abasolwa ababandakanyeka kuleli cala.

Obunye ubufakazi obuvelile obokuthi imoto eyasetshenziswa yohlobo lweMercedes Benz yayintshontshiwe kanti yatholakala emjondolo yaseCato Crest inezinhlamvu, umuthi nogwayi ethangini likaphethiloli. 

Umbuso unxuse inkantolo ukuthi ingake ilinge idedele abasolwa ngoba bangaba yingozi emphakathini, futhi bangashaya bachithe kuleli. 

Abasolwa abasenkantolo ngoLindani Ndimande, 35, uLindokuhle Ndimande, 29, uSiyanda Myeza 21, uMziwethemba Gwabeni 36, noLindokuhle Mkhwanazi 30.

NALU OLUNYE UDABA: OkaMaskandi uqhathwe nonqobe kumaGrammy kowezindondo

Laba basolwa babhekene namacala ayishumi okubalwa amabili okubulala, amahlanu okuzama ukubulala, ukuhlela ukubulala, ukuba nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

 

Related Articles

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Back to top button