EzemidlaloIzindaba

Bathethiselwe ukumoyizela enkantolo uGabuza nentombi

Sane Mseleku

OBENGUMGADLI weBafana Bafana, uThamsanqa Gabuza akasenacala. UGabuza uke waba sematheni ngecala lokulimaza impahla elalifakwe intombi uZikhona Zode. Lomdlali njengamanje usemabhukwini eTS Galaxy kwiPriemier Soccer League.

Namhlanje iNkantolo kaMantshi yase-Alexandra, eGoli, ithe usengokhululekile emuva kokwenza isivumelwano nommangali. Ubesevele ihlandla lesithupha kule nkantolo.

New twist in soccer star Lorch’s sentencing hearing 

Ngesikhathi kuqhubeka icala, uGabuza noZode bebebonakala bemoyozela behleka nokwenze utolika ukuthi angenelele ebakhuza.

Umphenyi wecala uTshiego Deka uthe laba bobabili bangene esivumelwaneni. NoMmeli kaGabuza uThemba Ngobeni wakuqinisekisa lokho.

IMantshi uBulelani Mbeleni naye uphinde wabuza kummangali ukuthi uyasiqonda yini isivumelwano sokucisha icala wavuma ngekhanda ethi “yebo”.

Related Articles

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Back to top button