
Uvukile uDJ Sbu ebuyela emsakazweni omkhulu
Liya Singela
“Livukile idlozi. Thokozani bantu abadala. Akadunyiswe uNkulunkulu. Ngiyasayina namhlanje, ngibonga bonke abebengidonsela phansi kuleminyaka edlule. Ngibuyile emsakazawni omkhulu, ohlelweni lwasekuseni, bese nginikhumbulile bafwethu,” ubhale kanje uDJ Sbu ejabulela ekusayina inkontileka neRadio 2000, ngaphansi kweSABC.
Ube eseqinisekisa ukuthi usizwile isikhalo sama 2K wathi uyazi futhi ukuthi asekhulile. Uqhube ngokuthi uyazi ukuthi izingxoxo zeFriends like These sezizofinyelela ezindlebeni ezifanele njengoba esebuyile kwaSABC.
UDJ Sbu uzongena kusukela ekuseni ngo 6-9 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. Lolu hlelo alukabi negama, uthe uDJ Sbu lizoqanjwa abalaleli ngesonto elizayo. Ungena kulo msakazo emuva kokuvuleka kwesikhala kushiya uGlen Lewis. Nokho lizoqhubeka ithimba lasekuseni uNathi Ndamase noLelo Mzaca.
UDJ Sbu akayena umafikizolo emsakazweni njengoba eseke wayibamba kwiYFM, Metro FM, uKhozi FM neMassiv Metro ayisungula uphinde abe nane Podcast esakaza kuYouTube. Azishintshanga kangako izinhlelo zalesi siteshi ngaphandle kokulanda uDJ Cleo ozoba nohlelo lwakhe lomculo i-The Eskhaleni Party. Luzongena njalo ngoLwesihlanu ngo10-12 ebusuku.



