Izindaba

UPhuzekhemisi udedele amabhomu egubha usuku lokuzalwa


Liya Singela

Lube impumelelo usuku lokugubha ukuzalwa kwaPhuzekhemisi (61) kwakhe eLovu, eThekwini, ngeSonto.

Lo mculi ozalwa eMkhomazi ubalwa nabaculi abambalwa abasaphilayo abakade bayibamba kuMaskandi.
UPhuzekhemisi uveze ukuthi njengoba esemdala kanje ufisa izwe lazi ukuthi wahlukumezeka kanjani kushona umfowabo uKhethani noMfaz’omnyama.

“Ngafika imoto ihlezi kumfowethu esifubeni eseshonile, ukuthi wadliswa ubani noma wathakathwa ubani aze agingqike nemoto angikwazi mina lokho. Ngangingeke ngivume ukuthi babhece ngobubende inyama engayidlanga uMfaz’omnyama njengoba kwakuthiwa ubulewe uyena” usho kanje.

Uthi baqhubeka noMfaz’omnyama bazishayela ingoma kwiSixaxambinji okwakuyiqembu alalihlanganiswe iHhashi Elimhlophe, uPhuzekhemisi. Elandisa umfo kaMajazane uthi kwashuba kakhulu sekushona uMfaz’omnyama njengoba kwathiwa ubulawe uyena. Uthi ngaleso sikhathi wayenendawo edayisa utshwala eGoli eyayibizwa ngoMkhomazi Tavern.

“Ukuhamba kwaMfaz’omnyama kwathiwa udliswe imina, ngasukelwa iwona wonke umuntu. Ethaveni yami ngangingakudayisi ukudla notshwala kodwa ngangithenga okusuke kushoda,” kulandisa uPhuzekhemisi.

Lo mcimbi obunezinkukumo ezithusayo, amancoko nomculo ubuhlanganiswe umhleli wamaSouth African Traditional Music Awards (SATMA), uMnuz Dumisani Goba. Kanti nabaculi abanohlonze okubalwa uMbuzeni Mkhize, Nyonemhlophe Ngeney’ntwen noMavela Nene bebekhona ukuzobungaza lolu suku nalo mculi.

Related Articles

Back to top button