
Ivutha bhe impi yombango phakathi kwaTyla noBonang Matheba
Sane Mseleku
Bajikijelana ngamazwi abalandeli baTya (22) osanda kuhlabana ngendondo yeGrammy e-United States (US) nomethuli wezinhlelo uBonang Matheba (36) kubangwa “ubundlovukazi”.
Lombango usuke emuva kokuthi uTyla evakashele iMall of Africa, eGoli, kwachwaza abantu bekhombise ukumjabulela.
“Kuyiphutha ukuqhathanisa umethuli wezinhlelo ohlonishwayo nembali esaqhakaza (Tyla), sibathanda sonke,” kusho uBruno Sigwela kwiX.
UMr Trooth: “akukhathaleki ukuthi uthini ngoBonang, kodwa uyohlezi emile futhi ungomunye wabanomthelela omkhulu kubantu besifazane eNingizimu Africa. Asiyeke inzondo,” usho kanje.
Le ntokazi esencane isematheni nje ingene ngonyaka odlule ngoJulayi emculweni kodwa idlisele abaningi ogageni yaze yanqoba ngengoma esihloko sithi Water.