USomlomo wePhalamende usule isigubhukane ngenxa yecala
Liya Singela
Usule isigubhukane uSomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa-Nqakula. Uthi uthathe lesi sinqumo ngenxa yecala abhekene nalo kodwa akamuvi ukuthi ulenzile.
Esitatimendeni asithumele kwabezindaba uthi: “Siyofika isikhathi lapho ngiyogonyuluka khona ngokuboshelwa amanqina enyathi. Uqhuba ngokuthi ukwehla kwakhe kulesi sikhundla kungenxa yokuhlonipha umthetho Sisekelo wakuleli. Kodwa akavumi ukuthi unecala,” phakathi kokunye akubhalile.
Ukusula kwaNosiviwe Mapisa-Nqakula kuza emuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseGauteng ichithe isicelo sakhe esiphuthumayo sokuvimbela iNational Prosecuting Authority (NPA) namaphoyisa ukuthi ambophe. Usolwa ngecala lenkohlakalo okuthiwa walenza esengu Ngqongqoshe wezokuVikela lapho ahlomula khona ngesamba semali enguR2.3 million kwinkontileka esiphenduke ufakazi wombuso.