
Izembe ligawule nasegcekeni kwiMK Party
Aphelele Cebekhulu
Iqembu iMK Party selixoshe amalungu alo amabili aphezulu, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla noMnuz Nhlamulo Ndhlela, ngokushesha.
Lesi sinqumo simenyezelwe nguNobhala-Jikelele weMK Party, u-Advocate Sibonelo Nomvalo esithangamini sabezindaba eGoli ngoLwesine.
Uthe amalungu esigungu esiphezulu kuzwelonke anqume ukunqamula ubulunga balaba bobabili ngokukhulu ukushesha.
Kuzokhumbuleka ukuthi uDuduzile akaqali ukuba senyakanyakeni wake wanqunyelwa ugwayi katiki.
Lokhu kulandela ukuthi wayenameke imibhalo ethuka lowo owayengunobhalala jikelele waleli qembu uFloyd Shivambu.
Iembu laveza ukuthi liyazi ngale mibhalo kaDuduzile ebhekiswe kuShivambu lathi ukwephula imigomo futhi ayihambisani nomthetho wokuziphatha waleli qembu.
Ngokusho kwesitatimende uMengamli uMnuz Jacob Zuma onguyise kaDuduzile wayayela ukuba axolise ngaphandle kokubeka imibandela kumamalungu aleli qembu nakubona bonke abantu baseNingizimu Afrika.
UZuma waphinde wayalela uDuduzile ukuba axolise nasezinhlakeni zaleli qembu angaphansi kwazo okubalwa ikhokhasi yeMK Party ePhalamende likazwelonke nakwi-Pan African Parliament.
I-MK Party yaveze ukuthi ngemuva kwalokhu kuzobe sekuqhubeka uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe lwangaphakathi oluhambisana nomthetho sisekelo waleli qembu.
Isitatimende siqhube ngokuthi uma ehluleka wukulandela le miyalelo uzothathelwa izinyathelo ezinqala ezingaholela ekutheni bunqanulwe ubulungu bakhe
UDuduzile enkundleni yokuxhumana i-X wayebhale ukuthi “UFloyd uyinto engenamsebenzi” neminye emthukayo ethi Fuc#$& Floyd, abuye ababize ngomafikizolo eqenjini.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



