
Umsindo uMcG ephawula ngegqe kaMinnie Dlamini ‘enukayo’
Sihle Mkhize
KUBATSHAZWA isibindi sikaMacG othula iPodcast and Chill ngenkulumo yakhe ethathwa njengehlambalaza abantu besifazane nabeyibhekise kuMinnie Dlamini.
UMinnie unomlando wobudlelwano nabesilisa abasezintweni kodwa akahlali kulowo mjolo.
Njengoba ukuhlukana kwaMinnie Dlamini nodokotela wePlastic Surgery uDr Brian Monaisa kuyindaba esegudwini kulezi zinsuku uMc G ohlelweni lwakhe uphawule ngokuthi mhlawumbe inko#+- kaMinnie iyanuka yingakho amadoda ebaleka kuye.
Ubesho egigitheka efa yinsini.
Phakathi kwezinsizwa eseke kwaziwa ukuthi uMinnie ujola nazo kubalwa u-Itumeleng Khune, Naak Musiq, Edwin Sodi noQuinton Jones ashade naye waqede wakebhula incwadi yomshado (divorce).
Nokho isiteshi sethelevishini iMoja Love nayo esinuka iqaqa ngokuvumela uSiyacela Dlamuka athuke ehlise nesithunzi kubuka izwe umkakhe uThando seyingenele.
NgoMsombuluko kusihlwa ikhiphe isitatimende lapho ihlaba khona ihlikiza uMc G ithi akagcini ngokubathuka kodwa ubehlisa nesithunzi abantu besifazane.
“Ukuziphatha kanje akwamulekile emphakathini. Siyisiteshi seMoja Love siyahluleka ukuthula sigoqe izandla esimweni esinje. Le nzondo ayibhekise kubantu besifazane ayigcini ngokulimaza isiqu somuntu ngayedwana kodwa igqugquzela udlambedlu emphakathini. Iphinde yenze sengathi yinto eyamukelikie ukuhlukumeza,” kusho isitatimende.