Izindaba

Izibalo ezishaqisayo zabafe emgwaqeni ngePhasika

Sihle  Mkhize

UTHELE izithelo ezinhle imikhankaso yokulwa nezingozi emgaqeni kulo lonke laseNingizimu Africa.

UNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uBarbara Creecy udedele umbiko mayelana nezigameko zePhasika zakulo nyaka.

Kugqame ukuthi uma kuqhathaniswa izigameko zabantu abafa emgwaqeni ngo-2004 babengu-307 kanti kulo nyaka babe ngu-165.

UNgqongqoshe udedele lemibiko eseTshwane ngoLwesibili ntambama.

“Lezi zinombolo zikhombisa ukuthi impela kuyasetshenza, kukhona inqubekela phambili. Ukuncipha kwezingozi kusho ukuthi kunezimpilo zabantu eziphephile,” usho kanje.

ILimpopo kuN1 yehlisile kulokhu njengoba isuka ku-81 iya ku-13 kanti iGauteng nayo ayisalanga ngaphandle njengoba ikhombisenulwejla okuyisimanga isuka ku-52 iyoshaya ku-22 wesibalo abafela emgwaqeni.

Zimbili kuphela izifundazwe eziphoxile ngokunyuka kwabantu abafe emgwaqeni okuyiMpumalanga ne-Eastern Cape.

“Izibalo zethu zisitshela ukuthi ukhona umehluko uma senza umsebenzi wethu ngaphambi kokuthi abantu baqale bangene emgwaqeni ngamaholidi,” usho kanje.

Sezizonke zingu 177 584 izimoto ezimishwe zaseshwa, amaphoyisa ahlawulise abashayeli abangu-44 505 kwathi izimoto ezingu-2018 zakhishwa emgwaqeni, ezingu-1536 zaboshwa.

Abashayeli abangu-8 babe nebhadi bethi bafumbathisa amaphoyisa zabakhalela.

Abashayeli abangu-941 baboshelwe ukushayela bedakiwe kwathi abangu-89 baboshelwa ukushayela ngesivinini esiphezulu.

Related Articles

Back to top button