
Zihlonzwe imindeni izidumbu zamaphoyisa abedukile
Sihle Mkhize
IMINDENI yamaphoyisa amathathu uConstables Linda Cebekhulu, Keamogetswe Buys, noBoipelo Senoge isihlonze izidumbu ezitholwe emfuleni iHennops eCenturion.
Impela iqinisekisile ukuthi yibo uqobo laba abekade befunwa.
Ithimba eliseqophelweni eliphezulu belingabuthi qothu ubuthongo befuna umkhondo eGauteng, Free State naseLimpopo.
“Siqale ngokuhlanganisa ubufakazi eGrasmere Toll Plaza ku-N1 uma udlula izimpambano mgwaqo ubheke kuJohn Voster drive. NgoMsombuluko uphenyo lwasiholela emfuleni iHennops River eCenturion,” kusho amaphoyisa.
Amaphoyisa abesebenzisa indiza enophephela emhlane bese kuba yithimba lecybercrime unit, HAWKS, Crime, counter-intelligence unit, SAPS, Gauteng Traffic Airwing neBidvest Protea Coin Airwing.
“Sithole izingcucu zeVW Polo kuN1 nezisiholele emisebeni yomfula nalapho sithole khona iveni leRenault Kangoo. Amaphoyisa aseTshwane angabatshuzi baqalise uphenyo nebala bavuka nezidumbu ezimbili, esisodwa esomshayeli weRenault okuvela manje ukuthi ungomunye wethu nobesebenzela eLyttleton Police Station. Isidumbu sesibili bekungesika Constable Senoge. Silumisile uphenyo ngenxa yokuthi bese kuqala ukuba mnyama,” kuqhuba amaphoyisa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesibili ekuseni kutholakale isidumbu okukholakala ukuthi ngesikaConstable Linda.
“Siphinde sathola isidumbu sesine ebese siqala ukonakala, sisazama ukuthola ukuthi ngabe ubani. Kuthe seliyozilahla kunina namhlanje sathola isidumbu sesine sikaConstable Buys. Sisabheka iVW Polo,” kuphetha amaphoyisa.
UConstables Linda Cebekhulu, Keamogetswe Buys, noBoipelo Senoge bebesuka eFree State belibangise eLimpopo lapho besebenzela khona ngesikhathi benyamalala.
Bagcina ukubonakala egalaji lakwa-Engine, eduze naseGrasmere Toll Plaza, emgwaqweni uN1 ngoLwesithathu lomhla ka-23 April ngoLwesithathu ku-N1