
Selinqunyiwe usuku lokwethulwa kwesabelo zimali esisha
SIZOKWETHULWA ngomhla ka-21 May isibalelo zimali kulandela ukuhlehliswa isikhawu ezimbili.
Lokhu kulandela ukuhoxiswa kwesinqumo sokwenyuswa kwentela yokuthenga iVAT ngo-0.5% iminyaka emibili.
UNgqongqoshe wezeMali uMnuz Enoch Godongwana uthe isimo ababhekene naso sobuhixihixi mayelana nesabelomali yinto entsha njengoba i-ANC ibisiphasisa kalula phambilini njengoba bebaningi ePhalamende ukuthatha izinqumo.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-ANC yahluleka yancama ngokhetho lukazwelonke ngonyaka odlule ukunqoba ngamalengiso.
Lokho kwaholela ekutheni kube nenhlanganisela yamaqembu ahola leli lizwe (GNU).
Ekhuluma uGodongwane uthe lolu hlelo lube bucayi kulo nyaka ngenxa yokushintsha kwezimo zepolitiki njengoba izwe selibuzwa yinhlanganisela yamawembu ebizwa ngeGNU.
Ngemuva kokwethulwa ePhalamende, isabelomali esisha kulindelwe ukuba siphinde sivotelwe.
UGodongwana uveze nokuthi iminyango kahulumeni izoqhubeka ngesabelomali sangonyaka odlule ngesikhathi kusadingidwa indaba yesabelo zimali yakulo nyaka.
Kuzokhumbuleka ukuthi uGodongwana ngoFebhuwari wadalula ukuthi iVAT izokhuphuka ngo-0.5% kulo nyaka wezimali iphinde inyuke ngendlela efanayo ngonyaka ozayo ngoba kuyaphoqa.
UGodongwana waveze nokuthi izibonelelo zikahulumeni zabelwe izigidigidi ezingu-R284.7 ngonyakamali ka-2025/26.
Kuthiwa bangu-28 million abantu bakuleli abathola izibonelelo ngokwehlukana.
Lokhu kusho ukuthi zizonyuka kanje izibonelelo ngokuhlukana kwazo:
Izibonelelo zabadala nokukhubazeka R130 kuya ku-R2 315 ngo-April.
• Isibonelelo sikahulumeni sezingane R30 kuya ku-R560 ngenyanga.
• Imali yesibonelelo sikahulumeni sezintandane ngama-R70.
I-COVID19 Social Relief of Distress (SRD), ngendlela ekuyo njengamanje, izokwelulwa ngonyaka ukuze ekupheleni kukaMashi 2026. Kubekwe u-R35.2 billion ukubhekelela lesi sibonelelo.



