
Ugwetshwe (15) umfundi (14) obhokode othisha ngommese
UGWETSHWE iminyaka engu-15 umfundi waseYsgol Dyffryn Aman oneminyaka engu-14 owamane wangenela ngommese othisha ababili nomfundi ebagwaza.
Kuthiwa wayelokhu ememeze njalo ethi “ngizonibulala” nina.
Lesi sigameko esishaqise umhlaba wonke senzeke e-Ammanford, Carmarthenshire, eWales.
Lo mfundi utholwe yiSwansea Crown Court enamacala amathathu okuzama ukubulala.
Abagilwa kulesi sehlakalo uthisha uFiona Elias, Liz Hopkin nomfundi ongeke aze adalulwe bagcina bethola usizo eMorriston Hospital bemanxebanxeba.
Ekhuluma enkantolo uthisha uMs Hopkins uthe lo mfundi akasiye umbulali akazi ukuthi wayengenelwe yini kanti uzakwabo owasinda ubhodla umlilo uthi wafaka umndeni wakhe ehlazweni kanye nesikole.
Lo thisha uthi kwakungathi kudlala ifilimu esabisayo ngesikhathi sesigameko.
Le ntombazanyana yasebenzisa ummese osathuluzi osetshenziswa uyise ekhaya ukugila lo mhlola ihlasela uMs-Elias.
Ngokombiko weBBC iJaji uPaul Thomas lithe le ntombazane ayizisoli futhi yagila lomhlola ngoba ifuna ukubukwa.
Inkantolo ilalele ubufakazi bokuthi ngesikhathi egwaza uMs Elias wayelokhu eshilo ukuthi “ngizokubulala” wasala enamanxeba izingalo zombili.
Kubafundi abaphumele obala kuvela ukuthi ubeseke walikhipha elokuthi uzokwenza into embi ekuze axoshwe esikoleni esho ukugwaza uMs Elias.
UMs Hopkin uvezele inkantolo izibazi zokugwazwa emqaleni, emhlane, emlenzeni nasengalweni ngesikhathi ethi uzama ukulamula.
Le ntombazane yadlulela komunye umfundi nakuye yasho amagama afanayo okubulala esho embhokoda ngommese wamshiya enamanxeba kwesingenhlà.
Kwaze kwangenela uthisha uDarrel Campbell owakwazi ukumthena amandla lo mfundi wagcina eboshiwe.