Izindaba

Isamba sikaR350 000 konomkhondo wamaphoyisa anyamalale 

Liyah Mseleku

SEKUKHISHWE isamba sika-R350 000 esizohlonyulwa ngumuntu ozoyalela amaphoyisa umkhondo wamanye amaphoyisa amathathu osekuphele izinsuku engabonwa nangokhalo.

Amaphoyisa kazwelonke akhiphe isitatimende ebika ukuthi uConstable uLinda Cebekhulu (24), uBoipelo Senoge (20) noKeamogetswe Buys (24), bebesuka eFree State belibangise eLimpopo lapho besebenzela khona ngesikhathi benyamalala.

“Bagcine ukubonakala egalaji lakwa-Engine, eduze naseGrasmere Toll Plaza, emgwaqweni uN1 ngoLwesithathu lomhla ka-23 April ku-N1 ,” kusho isitatimende esikhishwe nguBrig Athlende Mathe okhulumela amaphoyisa kuzwelonke.

Amaphoyisa aphenya ngezinsolo zokubanjwa inkunzi nokuthunjwa kwamalungu awo.

UMasemola uthi ngeke bakuthole ukuphumula bengabanjwanga abenzi bobubi.

UKhomishana uhlangane noDeputy National Commissioner of Crime Detection, Lieutenant General Shadrack Sibiya noProvincial Commissioner eFree State, uLieutenant General Baile Motsweenyane ngesikhathi beyohlanganisa amehlo nemindeni.

Ithimba okuthiwa lisebenza lolu daba lisezingrni eliphezulu njengoba lihlanganisa inhloko yezobunhloli nabaseshi eLimpopo, Free State naseGauteng.

“Ithimba ligabe ngomakadebona emaphoyiseni ezinhlakeni ezahlukene nezinsizakusebenza zeqophelo eliphezulu zikhona ukuthola amaphoyisa wethu asemancane engalimele futhi ephephile lokho kuseqhulwini kithina. Okwesibili esizokufakela izibuko wukuthi ngobani abayizimbangela zokunyamalala kwabo,” kuqhuba uMasemona.

Related Articles

Back to top button