
Kuphelile obekuhlanganise uJabu Pule nonkosikazi weminyaka
UPHELILE umshado phakathi kwalowo owayengumdlali weKaizer Chiefs uJabu Mahlangu nonkosikazi weminyaka engu-21 uNomxolisi Priscilla Songame.
Abazazi kancono bathi impela abasambathi ngubo yinye labashadikazi ababusiswe ngezingane ezimbili zamantombazane.
UMahlangu obaziwa ngoJabu Pule ebholeni ulilahle ithemba ngomshado wabo enyangeni edlule emuva kokuhlukana nomkakhe iminyaka emine.
“UJabu umazisile umkakhe, umndeni nezingane zabo ukuthi useyalele abammeli bakhe ukuthi bafake amaphepha okudabula incwadi yomshado ngokuphazima kweso,” kusho umthombo.
Kwenzeka lokhu nje bese bekade vele belala ngokwehlukana endlini eyodwa kumuzi wabo oseBrakpan kusukela ngonyaka ka-2020.
Kuthiwa akekho obefuna ukuphuma endlini ngoba bekunethemba lokulungisa izinto kodwa uMahlangu wakhetha ukuqeda ngomshado wabo.
“Akaze asho umkakhe isizathu esiholele kulesi simo kodwa ukuqinisekisile ukuthi abasahlali ndawonye njengendoda nomfazi,” kusho umthombo weSunday World.
Lezi zindaba ziza kungakapheli isikhathi esingakanani ibhange belisho ukuwudla umuzi wabo ngenxa yokuhluleka kwaMahlangu ukuqhubeka nokuwukhokhela.
Ngokomthombo uthi uMahlangu usephelelwe nayimizwa yomkakhe yingakho engaboni ukuthi kukhona okungalungiseka.
“Njengazo zonke izithandani ezibhekana nezingqinamba sonke besicabanga ukuthi bazozilungisa izinto kodwa dololo. Kusethusile ngoba besihlalele ethembeni lokuthi bazocabangela nezingane zabo kodwa lutho,” kusho umthombo.
UMahlangu akatholakalanga ukuphawula ngalolu daba.