Izindaba

Ifu elimnyama kuMaskandi kushona oweMithente 

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli usezwakalise ukushaqeka nokungakholwa ngezindaba zokudlula emhlabeni komunye wabasunguli beqembu likaMaskandi Imithente.

NgeSonto kuvukwe ngezindaba zokudlula emhlabeni kwaDumisile Manana-Mthalane.

Kubikwa ukuthi udlule emhlabeni esesibhedlela eVosloorus, eGoli ntathakusa ngeSonto.

UNtuli uthe ubuhlungu ngokushona kwaManana-Mthalane.

“Sibuhlungu ngokuhamba emhlabeni kwaDumisile Manana-Mthalane. Ubengeve ephiwe kuphela ekubeni umculi kodwa ubengumholi ogqugquzela uxolo nobumbano kwimikhankaso ebiholwa uMntwana waKwaPhindangene, Dr Mangosuthu Buthelezi. Ngendlela abezinikele ngayo ubecula kokunye engaholi. Uhambe ibanga elide noMntwana kuthuthukiswa izimpilo zabantu KwaZulu-Natal naseSouth Africa ngobubanzi bayo,” kusho uNtuli.

UNdunankulu ukhumbule ngezikhathi esasebenza njengeMeya eKing Cetshwayo District Municipality lapho wayeswbenzela eduze noManana-Mthalane neqembu.

“Ngigcina ukubonana noManana-Mthalane wayedlala neqembu emcimbini weHuman Rights Day e-Olive Convention Centre, eThekwini. Babecutha bengabaselwe benandisa neqembu kumnandi kunjeya,” usho kanje.

Uthi egameni lohulumeni wesifundazwe uzwakalisa amazwi enduduzo kumkhwenyana wakhe, ezinganeni ezine, abazukulu abayisikhombisa nazakwabo eqenjini leMithente.

“Ukuhamba kwakhe ngokuzuma kushiye isikhala esifundazweni, esizweni nasendimeni yomculo jikele,”

Wengeze ngokuthi inkani yaleli qembu yakwazi ukuvula indima ebekwaziwa ukuthi iqhoqhobelwe abesilisa kuphela.

Ube ngomunye ogqugquzele abantu besifazane ukuthi bangene ngomkhono nesiphanga emculweni.

Leli qembu lisungulwe eminyakeni edlule uDumisile, umyeni wakhe uSimosakhe Mthalane (ongasekho) baseMakhabeleni kwaDinda eKranskop, uNomusa Ntuli (ongasekho) owayedabuka kwaNgono eNkandla, uBuselaphi Gxowa wakwaNongoma.

Related Articles

Back to top button