
Kufe ujuqu (5) kwinhlekelele yengozi eCato Ridge
Sihle Mkhize
KUFE ujuqu abantu abayisihlanu engozini yemoto eyenzeke emgwaqeni u-Eddie Hagen Drive, eCato Ridge, entshonalanga yedolobha iTheku ngeSonto ekuseni.
Abezimo eziphuthumayo bakwa ALS Paramedics babike ukuthi kusinde umuntu oyedwa, kanti usedluliselwe esibhedlela ukuthola usizo.
Lesi sigameko senzeke ngesikhathi kuphuthunyiswa ilunga lomndeni esibhedlela njengoba belishaywe lagwazwa.
Umshayeli kukholakala ukuthi uhluleke ukuyilawula yashayisa ubonda.
Umgwaqo uvaliwe okwesikhashana njengoba kusaqhubeka nokutakula.
Kwenzeka le ngozi nje kusabatshazwa enye edlule nemiphefumulo emibili kushayisana mahlanze izimoto emgaqweni uthelawayeka uN2 phakathi kwase Dokodweni nomfula uThukela.
Lesi sigameko esinyantsisa igazi zenzeke ngoLwesihlanu kusihlwa, kanti abezimo eziphuthumayo kwa-IPSS Medical Rescue basabele ngokushesha uma bebizwa kule nhlekelele.
Bafike behlome nangezindlawu njengoba kuphoqe ukuthi abanye abantu bakhishwe ezimotweni kusetshenziswa zona.
Kule ngozi akugcinanga ngokufa kwabantu ababili kodwa kuphinde kwalima kanzima abathathu kwathi oyedwa kwaba umhuzuko nje.
Abalimele bathole usizo lokuqala endaweni yesigameko kanti iMandeni Fire Department, IPSS, neS&R basebenze kanzima ukukhipha imizimba ebivaleleke emotweni.