Ezokungcebeleka

Ucishe wawelwa yibhizinisi uDJ Kotini abasebenzi ‘bezidalela’

Omunye wabasebenzi uthi wagulela emsebenzini lo saziwayo wamfaka ku-voice mail

Bahle Mkhize 

UDJ Kotini osanda kunqoba umncintiswano weBest Kwaito/Gqom kwiMetro FM Awards ngo-Ephreli, ukhala ngemali athi yehliswe ngomlenze abasebenzi eNkonzo’s Kitchen beba nokudla.

UKotini ngaphandle kokukwebha amapleti unebhizinisi lekhishi enkabeni yedolobha iTheku.

UKotini uthi waqasha uNomthandazo “Nomthi” Zungu noNtombifuthi “Futhi” Khumalo ngoba ebathemba.

Yize kunjalo uthi ulahlekelwe imali eshisiwe nokudla kulesi sikhathi esingangeminyaka emibili kuya kwemithathu edlule.

“Kade ngangisola kule minyaka edlule ukuthi amantshontsho ayaphela emsamu kodwa nginganaki.

“Ngiqaphele ngoba ngibona ibhizinisi ukuthi liyawa sesicwile nasezikweletini.

“Kuyilapho ngilande umama ekhaya ukuthi azoshaya ithili. Nebala ngayibona imali.

“Ngaphambilini bengilahlelekwa imali esuka ku-R4 000 kuya phezulu ngosuku,” usho kanje.

Eqhuba nokulandisa iPurpose uthi into emenze athi sekwanele ukuthi bese behamba beboleka imali ngegama leNkonzo’s Kitchen okuyibhizinisi lakhe.

“Njengamanje ngithola izingcingo kubantu bethi usinanibani ubefuna imali ngegama lami.

“Ngithi abapheze. Njengamanje isimo sibuyele kwesejwayelekile.

“Awasekho amakokoroshe, bekukhona nezinongo ebezingathegwa sezikhona ngoba akusekho mali ehliswa ngomlenze,” usho kanje.

Mayelana nokuvula icala uthi ukholelwa ekutheni uNkulunkulu uzodlala indawo yakhe.

UNomthi uphendule wathi washaywa isifo sohlangothi (stroke) esemsebenzini kunokuthi athole usizo uDJ Kotin wamenza ihlaya.

“Ukhuluma iphutha anginyenyanga, ngahamba nabanye abasebenzi.

“Wahlekisa ngami ngilimele, ngashaywa istroke ekhona kunalokho wahleka. Yingakho ngakhetha ukuthi ngingabe ngisabuya.

“Kwakucaca ukuthi wayengandingi. Lendaba yemali akaze  angitshele lutho ngayo futhi angisathandi ukukhuluma ngalento.

“Akakaze azikhathaze ngokuthi afone abuze impilo nje. Mina ngisazigulela,” kusho uNomthi.

Lendawo ihanjelwa yibo bonke osaziwayo bakuleli emikhakheni ehlukene.

Related Articles

Back to top button